Izindaba

Usehleli kwabafileyo umlingisi odlule emhlabeni

Liyah Mseleku 

KUWE umuthi omkhulu endimeni yezokulingisa kudlula emhlabeni uDon Mlangeni (66).

Lolu qweqwe lomlingisi odlale nakwiSidingo ushone ngoLwesithathu ekuseni, nomndeni wakhe ukuqinisekisile ukudlula kwakhe kodwa wala ukuneka izizathu eziholele ekushoneni kwakhe.

“Kubuhlungu kuyankenketha ukusho ukuthi ubaba wethu ebesimthanda uDon Mlangeni udlule emhlabeni ngomhla ka-16 April 2025,” kusho umndeni walo mlingisi owazakhela udumo kumdlalo wethelevishini iHlala Kwabafileyo.

“Ubeyikho konke emndenini wethu, ewubaba onothando, ewubhuti nomngani. Ubephiwe ekulingiseni okuthi uma uqhamuka kuvele ukukhanya eziteji nakumathelevishini,” kusho isitatimende.

Umndeni uqhube ngokuthi igama likaMlangeni liyohlale liphila ezimpilweni azithithile esaphila ngezindaba azixoxile nothando alunikelile,” kusho isitatimende.

Isitatimende siqhube ngokuthi basathukile ngothando abalutholayo abantu bebakhalisa. Umndeni ube usucela ukunikwa isikhathi njengoba usasemanzini amnyama.

Imininingwane mayelana nenkinzo yesikhumbuzo nomngcwabo izodedelwa uma sekufike isikhathi esifanele.

UMlangeni waziwa ngezindawo azilingisile okubalwa iSgudi Snaysi nalapho wayedlala indawo kaLaqhasha, Isidingo lingisa uZeb Matabane, ewuMhlongo kwaHlala Kwabafileyo neminye eminingi.

Related Articles

Back to top button