Izindaba

Uvelile u-Adams enkantolo ebhekene namacala abucayi

Sihle Mkhize

Uvelile umholi weNational Coloured Congress (NCC) ophinde abe yilunga lePhalamende uFadiel Adams  okokuqala ePinetown Magistrates Court, eThekwini.

Ubhekene necala lenkohlakalo nokugxambukela ekufeni kwaSindiso Magaqa owayengemholi we-ANC Youth League.

Icala lokubulawa kwaMagaqa lenzeka ngo-2017.

Umbuso uthi uFadiel Adams ubhekene namacala amahlanu okubalwa ukuphazamisa ukusebenza kwezobulungiswa, inkohlakalo namanye amabili.

Kuthiwa wavakashela abasolwa ababili ejele laseWestville, uBonginkosi Dlamini noSibusiso Ncengwa.

Ngesikhathi evela enkantolo ubegqoke ijakhethi yamakhaza emnyama, uthe engena waqabula unkosikazi wakhe esphongweni.

Uboshwa nje u-Adams wahluleka ukuhlangabezana nonqamlajuqu wokuzinikela ayebekelwe wona.

Amaphoyisa athi kade ephansi phezulu ezama ukumthungatha aze afika nalapho kuthiwa uhlala khona kodwa dololo akatholakali.

Izinhlelo zokuthi azinikele emaphoyiseni zenziwe nommeli wakhe ngoMsombuluko eCape Town Central Police Station kodwa wangawubamba umshini.

Lo mholi uchithe amahora cishe angu – 31 emgaqweni esuka eKapa ebheke KwaZulu-Natal ngemuva evenini.

Okhulumela amaphoyisa u-Athlenda Mathe uqinisekise ukuthi u-Adams uthe ukwazile ukulala amahora angu-8 futhi ubenikwa nokuya ngasethunjini endleleni.

Ubechitha izinsolo zokuthi u-Adams uphathiswe okomgulukudu.

Uzophinde avele enkantolo ngoLwesithathu oluzayo.

Related Articles

Back to top button