
Inhlekelele yengozi kuM7 ubheke eThekwini
Philasande Luthuli
KUVALWE umzilwa uM7 osuka ePinetown ulibhekise eThekwini njengoba kube nenhlekele yengozi yezimoto ezimbili ngoLwesibili ntambama.
IPurpose ibike ngesikhathi abosizo oluphuthumayo basasendaweni yesigameko njengoba besahlenga abashayeli.
Le ngozi yenzeke emgaqweni odabula ngaseMalvern uma uqhamuka ngasePinetown uxhuma kuN2 ngaseRossburgh.
Ngesikhathi sibika ibingakabibikho imininingwane egcwele mayelana nabalimele noma abashonile.
Kuzokhumbuleka ukuthi ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal liyayidliva okubalwa naseThekwini.
Lesi sexwayiso sikhishwe abakwa-South African Weather Service, kulindeleke ukuba imvula enamandla iqale phakathi kwambili ngoLwesibili, kushaye ihora le-23:59 ngokusu olufanayo.
Phakathi kwezindawo okulindeleke ukuthi ziyidlive kuzo Abaqulusi, Alfred Duma Indaka, Alfred Duma – Ladysmith, Dannhauser, Dr Nkosazana Dlamini-Zuma -Underberg, eDumbe, eMadlangeni, Endumeni, Ethekwini, Greater Kokstad, Impendle, Ingwe, Inkosi Langalibalele Escourt, Inkosi Langalibalele Sobabili, KwaDukuza, Mandeni, Maphumulo, Mkhambathini, Mpofana Giants Castle, Mpofana Mooi River, Msinga, Mthonjaneni, Ndwedwe, Newcastle, Nkandla, Nquthu, Okhahlamba, Ray Nkonyeni, Richmond.
Izimvula ezifuze lezi sezijwayele ukuba yingozi njengoba zidlula nemiphefumulo, kukhahlameze imigwaqo kakhulukazi ewubhuqu, kulimale kwempahla nengqalasizinda, ukulimala kwezindlu kakhulukazi zakobantu kuphinde kuphazamiseke nokuhamba kwimigwaqo emikhulu.
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu esifundazweni iKwaZulu-Natal uMfu uThulasizwe Buthele unxuse ukuthi wonke amathimba abhekele izinhlekelele kubo bonke oMasipala ababaliwe ukuba behlezi becijile.
“Sinxusa zonke izakhamuzi ezindaweni ezithintekile ukuthi ziqaphele kusasa, sicela nigweme ukuhamba okungenasidingo ikakhulukazi emigwaqweni ewubhuqu, niyeke ukuwela imifula” kusho uMfu uButhelezi.
Kuyanxuswa ukuba abashayeli buwugweme lomzila.