Izindaba

Kuchitheke igazi embhikishweni wabafundi

KUCHITHEKE igazi embhikishweni wabafundi kwalimala inqwaba eNyuvesi yaseWalter Sisulu, eMthatha, e-Eastern Cape.

Lokhu kuza emuva kokuthi imenenja yezindawo zokuhlala kuthiwe uvulele ngenhlamvu.

Lesi sehlakalo senzeke ngoLwesibili ekuseni kanti manaphoyisa nonogada bagcweleckuleya ndawo bazama ukubhula umlilo njengoba abantu bedinwe bethelwa ngamanzi.

Abanye bebesabisa ukuvala umgwaqo onguthelawayeka uN2.

Kuthiwa abafundi bavukele emzini wemenenja ekuseni kulandela izikhalazo abebezifaka azishaye indiva.

“Enye yengqinamba wukuthi bebefaka onogada besilisa lapho kuhlala khona abafundi besifazane. Okucike tu abafundi wukuthi labo nogada bebehamba bengqongqoza bengena emagumbini abafundi ngendlela abathanda ngayo,” kuphawula umholi wabafundi.

Kuvele ukuthi omunye wonogada wake wangena egumbini lowesifazane waxoshwa kodwa wabuye wabuyiselwa emsebenzini nokwadina amafundi.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Nobuntu Gantana uthe abafundi bahlangene ngoMsombuluko ebusuku behlelela ukuthi bayohlasela. NgoLwesibili ekuseni bagasela imenenja yendawo yokuhlala kwayo.

“Kusolakala ukuthi imenenja idubule ababili oyedwa wafela endaweni yesigameko omunye uphelele endleni ebheke esibhedlela,” kusho uGantana.

Ukuqinisekisile ukuthi kuphinde kwahlaselwa unkosikazi oshaywe ngokuthile ekhanda.

Kuze kwaphoqa ukuthi kungenelele amaphoyisa ophiko lweMthatha Public Order Policing.

UGantana uthe bekungakaboshwa muntu kulesi sigameko.

Ngokombiko weScrolla.Africa okhulumela iNyuvesi uYonela Tukwayo uthe isimo simanzonzo.

“Abophiko lonogada bazama ngayo yonke indlela ukuqinisekisa lesi sigameko. Sizothumela isitatimende uma sekuhlangene konke.

Related Articles

Back to top button