
Zimkhalele eSandton oweqe ejele laseMaputo
Liyah Mseleku
SIBANJWE eNingizimu Africa, eGoli, eSandton isiboshwa eseqa eMazombique ejele iMaputo Maximum Prison ngoDisemba wonyaka odlule.
Lokhu kuqinisekiswe uKhomishana kazwelonke embuthweni wamaPhoyisa iSouth African Police Service (SAPS) uGeneral Fannie Masemola.
UNelson Simiao Massango weqa kanye nezinye iziboshwa ezibalelwa ngaphezulu kwenkulungwane.
Ngokwemibiko yakuleliya zwe uMassango wagwetshwa iminyaka engu-20 ngecala lokubulala alenza ngo-2015.
Amaphoyisa ophiko lweBorder Policing High Density Team bebematasa bezimisele ukubamba labo abalekelele eNingizimu Africa.
Lo mgulukudu obalekele ukubhekana nesijeziso kwelakubo ubanjwe eduze kwendawo edayosa izimoto eSandton.
Uphekwa ngimibuzo nokungenzeka axhumaniswe nenxanxathela namacala okuntshontshwa kwezimoto eGoli.
Kokunye ubugebengu obuphenywayo obukufika azenze umuntu ozoqasha izimoto, zohlobo lwe4×4 uma isingakuye ayishushumbise eMozambique eshaye indali.
Interpol’s National Central Bureau (NCB) eTshwane imatasa ixhumana nozakwano base Maputo ngomsebenzi esebewenzile muva nje.
UGeneral Fannie Masemola uthi ukubamjwa kwalesi sigebengu kuzothumela umyalezo oshubile ukuthi iNingizimu Africa akusilo ihlathi lokucasha izigilamkhuba.
Kunengebe kumalungu omphakathi wakuleli ngokuthi ziningi izigilamkhuba ezibaleka emazweni azo, zizoqhubeka nokugila imikhuba kuleli. Sekukaningi kukhalwa ngokuthi ukuvuza kwemingcele yakuleli ibeka engcupheni impilo yezakhamizi.
NgoJanuwari kulo nyaka kuvele ukuthi bangaphezulu kwa-22 000 abantu abaseNingizimu Africa ngokungemthetho ababoshiwe emajele akuleli okudla izizumbulu zemali yabakhokhintela.