
Umsindo ngemali ye “value” obekunikelelwa yona uTamara
Aphe Gcwabe
ISISUSE umsindo imali obekunikelelwa yona uTamara wodumo kwiTik Tok ohlezi egxibha abesifazane abazitshelayo ekubeni sebengena “value”.
Leli qhalaqhala lentombazane kuTiktok liveze ukuthi uMyeza noMax Makhanya bamfuna imali enikelwe ngabantu, bemtusela ukugxeka abesifazane abaxegelwa isimilo.
Leli qembu ebeliholwa ngozibiza ngoMyeza kwiTiktok, laqala ukunxenxa abantu ukuthi kuqongelelwe imali ngenhloso yokuthengela uTamara imoto yohlobo lweVW Polo.
Abaseka uTamara babethe bafuna kuthi kuqambe kushaya umhla ka-3 Mashi ibe seyihlangene lemali. Ngaphandle kwalokho kwaba khona othembise ukuthengela uTamara iPhone ebiza uR36 000, i-16 Pro Max kanti omunye uthembise ukuxhasa le ntokazi ngezincwadi zokushayela.
UTamara ezihlangula uthe akasenayo imali yena.
“UMyeza wafuna uR2000 wathi uyofaka upetrol bese eyobonana neMeya eHluhluwe. Ngamnika leyo mali, uMyeza ubelokhu ehlazi ethi kimi kufanele phela sijabule sonke. Ngithule nje mayesho njalo,” Kuchaza uTamara kuTiktok.
Uthi wathi abantu abaphusha umkhankaso wokumeseka inyanga uBhaka, uMax Makhanya naye uMyeza.
Lo mkhankaso usaqala uthole ukwesekwa ngosaziwayo abehlukene kanti abanye bawunyefisa.
Umculi wegqom uSizwe Mdlalose, owe-Afro pop uMs Level noMaMbovu odunyiswe wuTikTok bashaya amakhala ngezinkulumo zaTamara.
Nakuba kunjalo umsakazi woKhozi FM, uTshatha Ngobe, uthe onenkinga nokukhuzwa ngobufe… kusho ukuthi naye uyiso, kwaphela. “Qhubeka ntombi, ungabanaki abakugxekayo.”
Nomculi kamaskandi uMzukulu, uthe yena uyameseka uTamara ngoba unguyise wengane yentombazane, wathi uyadabuka uma ebona kunabantu besifazane abagxeka izinkulumo zikaTamara. “Hheyi ziyazala izingane zethu ezincane. Siyamdinga umuntu ofana nawe ozozisabisa,” kusho uMzukulu.