Izindaba

Kubulawe owesifazane obesanda kuteta

USAQEKILE umphakathi waseThuthukani eMzingazi, eRichards Bay, KwaZulu-Natal kudutshulwa kubulawa owesifazane obekade ebelethe ingane.

Umufi uTholakale Mabanga oneminyaka ebalelwa ko-30 ongowokudabuka eShobeni, ngesikhathi ehlaselwa ubesekhaya kusemini kabha.

Ngokombiko kwaMandla Chris kuvele ukuthi kuthushuke umuntu ongaziwa lapho ekhaya lakhe wamcela ukuthi alehlise ingane emhlane abesanda kuyiteta emva kwalokho wamdubula washona endaweni yesigameko.

Lesi senzo esishaqisayo senzeke phambi kosana nabanye ofakazi ababekhona endaweni yesigameko.

Njengenhlalayenza uma kuvele umshophi kwamakhelwane omakhelwane bethuthukeke ngobuningi endaweni yesigameko bezobhodla emswaneni.

Iziphathimandla zibikeliwa ngokushesha, kwafika namaphoyosa ukuzohlola isimo. Kwaqalwa uphenyo lokubulala njengoba amaphoyisa aqoqa ubufakazi nezitatimende kulabo ababone kwenzeka lesi sigameko.

Abangani nomndeni kamufi bachaze uTholakele njengowesifazane onothando.

“Ukudlula kwakhe emhlabeni kungakabi yisikhathi kushiye isikhala esingasoze savaleka. Ubuhlungu bokulahlekelwa othandekayo buhlala bubuhlungu, kodwa izimo ezizungeze ukushona kwakhe zikwenze kwaba nzima kakhulu,” kulandisa umngani ongazidalulanga igama.

Amalungu omphakathi anxuse ukuthi kwenziwe ubulungiswa ngokushesha.

Abaningi bazwakalise ukukhathazeka ngokuphepha endaweni, banxusa iziphathimandla ukuthi zithathe izinyathelo eziqinile ukuze kugwenywe lolu hlobo lobugebengu.

Related Articles

Back to top button