
UNabi ugxeke esidlangalaleni abeChiefs bebambana neCity
UMQEQESHI weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi ubevutha engabaselwe ekupheleni komdlalo Amakhosi ebambana ngo 0-0 neCape Town City ngoLwesithathu.
Lo mqeqeshi uthe ufuna okwengeziwe kubadlali bakhe, futhi waveza ukungabaza kwakhe izinga labo njengoba behlulekile ukushaya igoli yize kube nenqwaba yamathuba abawakhile.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNasreddine Nabi akazange ananaze esola abadlali beKaizer Chiefs ngamaphuzu amabili abawalahlile kulo mdlalo.
“Sinokuzisola okuningi namuhla ngokulahlekelwa amaphuzu amabili. Bekufanele siwunqobe lo mdlalo,” kusho lo mqeqeshi waseTunisia.
“Sidlale neqembu ebelibeke abadlali abangu-10 phambi kwebhokisi lalo. Kodwa siwakhile amathuba okushaya amagoli kodwa asizange siwasebenzise.”
Ube eseqonda ngqo, egxeka abadllali, ikakhulukazi abahlaselayo ngokushumpuza uma bephambi kwepali.
Uthi kufanele bakhombise izinga eliphezulu njengoba bedlalela iqembu elikhulu kangaka.
“Bekungekhona ukuthi besihlulwa amaphasi. Uma umdlali ebhekana ngqo nonozinti kufanele ubeke ibhola enethini.
“Umdlalo usuphelile futhi abadlali bethu kufanele bazibophezele kakhulu ukuvikela igama leKaizer Chiefs.
“Sikule ndawo esikuyo (kwilogi) ngoba silahla amaphuzu amaningi afana nalawa. Uyawulawula umdlalo, uyawakha amathuba kodwa… Ngeke, ngeke…
“Akufanele kwenzeke kanjena, yiKaizer Chiefs le,” wengeze kanje lo mqeqeshi okucacayo ukuthi akazange ahlabeke umxhwele.
UNasreddine Nabi usevele uke wakuveza ukuthi uzodinga abadlali abasezingeni elingcono eqenjini lakhe uma ezophumelela kwiKaizer Chiefs.
UMduduzi Shabalala ugeje ithuba elilula esiwombeni sokuqala. NoRanga Chivaviro wenze okufanayo ngasekupheleni eshweba ibhola liphambi kwakhe.
UNabi uthe manje usebheke ngabomvu umdlalo olandelayo ukuze bazame futhi ukuthola amaphuzu aphelele kodwa wavuma ukuthi yonke imidlalo izoba nzima.
“Abadlali kufanele benze kangcono. Ngisho noma simnika imizuzu emihlanu, noma imizuzu engu-10 umdlali.
“Ngiyaxolisa kakhulu kodwa namuhla abadlali abazange benze okufanele.” IChiefs izobhekana neRichards Bay ngeSonto.
Lisenethini