
Izonyuka ngo-0.5% iVAT iminyaka ilandelana
UNGQONGQOSHE wezeziMali u-Enoch Godongwana usedalule ukuthi iVAT izokhuphuka ngo-0.5% kulo nyaka wezimali iphinde inyuke ngendlela efanayo ngonyaka ozayo ngoba kuyaphoqa.
UGodongwana uveze nokuthi izibonelelo zikahulumeni zabelwe izigidigidi ezingu-R284.7 ngonyakamali ka-2025/26.
Kuthiwa bangu-28 million abantu bakuleli abathola izibonelelo ngokwehlukana.
Lokhu kusho ukuthi zizonyuka kanje izibonelelo ngokuhlukana kwazo:
Izibonelelo zabadala nokukhubazeka R130 kuya ku-R2 315 ngo-April.
• Isibonelelo sikahulumeni sezingane R30 kuya ku-R560 ngenyanga.
• Imali yesibonelelo sikahulumeni sezintandane ngama-R70.
I-COVID19 Social Relief of Distress (SRD), ngendlela ekuyo njengamanje, izokwelulwa ngonyaka ukuze ekupheleni kukaMashi 2026. Kubekwe u-R35.2 billion ukubhekelela lesi sibonelelo.
Lolu guquko kwiVAT lumenyezelwe ngoLwesithathu ntambama, ngesikhathi ethula isabelomali salo nyaka, ePhalamende likazwelonke eCape Town.
Lesi sabelomali kwakufanele sethulwe ngenyanga edlule kodwa umcimbi wokwethulwa kwaso wahlehliswa ngenxa yokungqubuzana phakathi kwamaqembu ayingxenye kahulumeni wobumbano (GNU).
Lokho kungqubuzana kwaqubulwa wukungavumelwani ngesiphakamiso saphambilini sikaGodongwana sokwenyusa iVAT ngo-2%. I-DA namanye amaqembu ayingxenye kahulumeni akuchitha ukwenyuswa kweVAT ngo-2%.