Izindaba

Abomndeni bafuna abolele ejele umagcino obulale unina (75)

ABASAFUNI nokumbona abomndeni umsolwa ogwaze wabulala isalukazi esimzalayo (75) eMlaza, eThekwini.

UNkk Ntombifuthi Hadebe wabulawa indodadana yakhe uSibusiso engumagcino.

Yamgwaza ngommsese nangesikele ngomhla ka-3 Mashi wafa.

Namhlanje ngoLwesithathu ubevelile eNkantolo kaMantshi yakuleli lokishi nalapho umndeni ufuna khona umsolwa abolele ejele.

Umfowabo kamsolwa uDelani ucashunwe kwiTimes Live ethi umndeni ulimele kakhulu ngokufa kwanina.

“Uma umfwethu ekwazi ukulimaza umuntu owamzalayo besiyini thina? Sidumele, futhi asiphephile uzikhombisile ukuthi iyisilwane,” kusho uDelani.

Phakathi kwezizathu abathi yizo ezibenza bathi akangakhishwa ngebheyili wukuthi basaba ulaka lomphakathi.

Ukubulawa kwanina akushiyanga bona njengomndeni besemanzini amnyama kodwa nomphakathi uthukuthele uyaveva.

“Uma umphakathi usuzithathela wona umthetho ngezandla bayomshiya efile emgaqweni kujike kube yizindleko zethu futhi ukumngcwaba,” kuqhuba uDelani.

UDelani uthi ngendlela unina abebakhathalele ngayo abantwana bakhe uma bevakashike ubebabuza ukuthi sebedlile yini.

Umsolwa ubegqoke isikibha elisuhlaza ebukeka edangele kubonakala sengathi ushaywe umhlaba.

Okunye okuvelile wukuthi vele uSibusiso ubenomlando omubi wodlame emndenini nasemphakathini.

Amalunga omphakathi nabalwela amalungelo obulili bebegcwele enkantolo ukuzoxhasa abomndeni wakwaHadebe.

Icala liguqile seliyoze libuyele ngomhla ka-19 Mashi kulo nyaka.

Related Articles

Back to top button