
Ulahle isicelo sebheyili ecaleni lokufa kwathishomkhulu
ULAHLE isicelo sebheyili umsolwa ecaleni lokubulala obenguthishomkhulu obengakaqashwa ngokugcwele.
Lo msolwa (28) waselokishini laseHammarsdale entsonalanga yeTheku uboshelwe icala lokubulala uMnuz Busani Khomo (57) wasesikoleni iSikhethuxolo High School.
Umsolwa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesibili wase evela kafushane eNkantolo kaMantshi eHammarsdale ngoLwesithathu.
UKhomo wadutshulwa wabulawa esendleleni ephuma esikoleni ngoDisemba odlule.
Ukubulawa kwalo thisha osemnkantshubomvu kwaqubula izinsolo zokuthi kuhlobene nesikhala somsebenzi sobuthisha omkhulu okwakumele sivalwe.
Ngokubika kweDailu Dispatch uKhomo nguye owayebhekiwe ukuthi aqaahwe ngokugcwele kulesi sikhala esasivulekile.
Okwakumnika amathuba amakhudlwana nezimbangi wukuthi wayehlale kuso iminyaka eyisithupha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCapt Ntathu Ndlovu uthe abophiko lweSerious and Violent Crimes Unit balindeleke ukuthi babophe abanye abantu.
“Amaphoyisa aqale uphenyo olusezingeni eliphezulu elokishini laseMpumalanga ngomhla ka-11 Mashi nelaholela ekuboshwwni kwamsolwa. Abakwasidlodlo bavundulule nebhulukwe okusolakala ukuthi laligqokwe umsolwa ngesikhathi kubulawa umufi,” kulandisa uNdlovu.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority uNatasha Ramkisson-Kara uthe icala lihlehlele umhla ka-17 Ephreli kulo nyaka.