Izindaba

Uphinde washiya umonakalo uzamcolo wemvula eKZN

Bahle Mkhize

IGADLE kwezwakala imvula enamandla eThekwini namaphethelo njengoba abezimo zezulu bexwayisile ngolevel 6.

Indawo yomtakabani iKloof kanye nePinetown ibalwa kanye nezinye ezikhahlamezekile amanzi angena ageleza nasenxanxatheleni yezitolo.

Amahlebezi angakaqinisekiswa kuthiwa kunezimoto ezimukile.

UMnuz Zwakele Mncwango ohola i-Action SA KwaZulu-Natal ukhale ngokwehla ngomlenze kwemali yabakhokhintela nokugcina sezingagcinwa izidingo zomphakathi.

“Kade ngisho ukuthi izinhlekele eThekwini zingagwemeka uma uMasipala ungafaka imali kwizidingongqangi okuyizingqalasizinda okubalwa ukugeleza kwamanzi ngamapayipi. Ukube nje R1 billion wenhlekelele ka-2022 awudukanga ngabe wenze omkhulu umehluko,” usho kanje.

Uqhube ngokuthi zisuka nje amavideo amabili akhombisa inxanxathela yezitolo ezimbili eKloof village naseDavenport aveza ngikusobala umonakalo.

“Uma nje amapayipi esebenza kahle, yini engakhanda idamu phakathi eMall. Nomphakathi awuyeke ukulahla udoti noma yikuphi,” kubhoka uMncwango

Abakwa-South African Whether services bakhiphe isixwayiso sika Yellow Level 6 sezimvula ezinamandla nezingadala izikhukhula.

Lezi zimvula kulindeleke ukuthi ziqale ngoLwesine kuze kushaye uLwesihlanu liyidliva.

Lezi zimvula kubikwe ukuthi zingase zidale umonakalo kulezindawo ezilandelayo.

Abaqulusi, Alfred Duma – Indaka, Alfred Duma – Ladysmith, Big Five Hlabisa – Hlabisa, Big Five Hlabisa – Huhluwe, Dannhauser, Dr N. Dlamini-Zuma – Underberg, eDumbe, eMadlangeni, Endumeni, Ethekwini, Greater Kokstad, Impendle, Ingwe, Inkosi Langalibalele – Escourt, Inkosi Langalibalele – Sobabili, Joini, KwaDukuza, Mandeni, Maphumulo, Mkhambathini, Mpofana – Giants Castle, Mpofana – Mooi River, Msinga, Mthonjaneni, Mtubatuba, Ndwedwe kanye neNewcastle.

Imibiko yakamuva iveza ukuthi kutholakale isidumbu sowesifazane emfuleni osePinetown ngemuva kokuthi imoto yakhe imuke namanzi.

Related Articles

Back to top button