
Uzofukula osomabhizinisi umcimbi iThe Next Billionaire
Motshwari Mofokeng
Wethulwe ngeqophelo eliphezulu umcimbi waminyaka yonke weNext Billionaire Ray Nkonyeni Municipality Mayoral Business Awards 2024.
Umcimbi ububanjelwe ku-Ugu Sports and Leisure Centre ePort Shepstone ngoLwesine.
Lo mcimbi ohlelwa Umlando Creatives wenzelwa ukuhlomulisa osomabhizinisi abasafufusa.
Lo nyaka uzobe ungowesihlanu wenziwa.
Kusukela kwesokunxele iMeya kaMasipala uZodwa Mzindle, umsunguli womcimbi uLungi Mbili noSibusiso Shange oyisekela likaMeya 📸: Motshwari Mofokeng
Umsunguli womcimbi uLungi Mbuli uthe uyajabula ukuthi unyaka nonyaka umcimbi uyadlondlobala, wabonga wanconcoza ukuthi uMasipala iRay Nkonyeni izibophezele ukuxhasa umcimbi ngeminyaka emithathu.
Uthe kulo nyaka kuzoba nemikhakha engu-20 yabantu abazobe beqhudelana.
Osomabhizinisi abazobe bedlala imilala baqhamuka emkhakheni we tourism, clothing and textile nabaphekayo.
IMeya yakuMasipala uZodwa Mzindle, uthe kumqoka ukuxhasa imicimbi efuze lena ngoba ikhulisa osomabhizinisi abasafufusa futhi ilekelela ekungeniseni umnotho.
Iqhube yathi ngaphandle kwalo mcimbi bavamise ukuhlela eminye efana ne-Ugu Maskandi Festival, Ekhaya Cultural Festival, neChilla Nathi athi iheha kakhulu abantu abathanda ukuzijabulisa.
Lo mcimbi ubuzimaziswe abasakazi beGagasi 99.5 FM uSine Nene noLydia M.
Umcimbi uhlelelwe uDisemba 4 ku-Ugu Sports and Leisure Centre, kanti uqala ngo-5 ntambama usongwe ngehora lesi-8. Ithikithi lokungena u-R400 umuntu ngamunye.