Kuboshwe iphoyisa ecaleni lokufa kwentombazane (11)
Aphelele Gcwabe
KUBOSHWE iphoyisa laseCato Manor libhekene necala lokuntshontsha nokukhwabanisa.
Leli phoyisa elinguConstable (27) nelingeke lidalulwe igama kuthiwa kwakubizwe lona ukuyolanda imoto eyabandakanyeka esigamekweni sokufa kwengane (11).
Liboshwe ngoLwesihlanu ekuseni eSeaview.
Litholakale ukuthi belibesebenzisa inqwaba yamakhadi asebhange esisulu esaphangwa iToyota Fortuner ngenyanga edlule.
Abazi kancono ngalesi sigameko esenzeka ngoSeptemba 11 bathi isisulu sashiya izingane ezimbili emotweni ngesikhathi singena esitolo esidayisa ukudla.
Kwaqhamuka imoto kwehla amadoda amane ehlome ngezibhamu amfuna okhiye bemoto ngo ‘dli’.
Izingane zabona umama wazo ezama ukulwa egoloza nokhiye zavele zaphuma emotweni enye yabaleka yacasha phansi kwayo imoto.
Izigebengu zagcina zimnqobile lo wesifazane zathatha ukhiye zashaya zachitha kanti sezihamba phezu kwengane.
Ingane yentombazane yayifunda ugrade-5 ngesikhathi epitshizwa imoto.
Imoto yagcina itholakale ekuseni ngosuku olulandelayo eCator Manor, eThekwini.
Amaphoyisa asekhiphe isitatimende ethi uConstable uboshiwe impela kodwa ubhekene necala lokuntshontsha nokukhwabanisa.
“Kwabizwa uConstable ukuthi ayolanda imoto eCator Manor ayihambise eMalvern nokuyilapho ke antshontsha khona amakhadi asebhange,” kubhalwe kanje.
Leli phoyisa lizogqunywa esitokisini impelasonto yonke njengoba lizoze livele eNkantolo yeMantshi ePinetown ngoMsombuluko.