Izindaba

Ungcwatshwa ngoMgqibelo umfundi odutshulwe yisoka

Philasande Luthuli

UNGCWATSHWA ngoMgqibelo umfundi waseHlangabezwa High School, uLondeka Mahlaba (17), odutshulwe wabulawa isoka maqede nalo lazibula.

Isoka esingeke silidalule igama lalo lineminyaka engu-18 belifunda esikoleni esisodwa nomufi.

Lesi sehlakalo senzeke ngoMgqibelo kusihlwa esigodini sakwaNgcolosi, eKranskop.

Ngokuthola kwePurpose umufi ubesothandweni oluvutha bhe naleli soka kodwa kuhambe kwaphela lona.

Ngesikhathi ehlaselwa umufi wayezihlalele nomndeni wakhe ngezikhathi zakusihlwa.

IPurpose ikhuluma noyise womufi uMnuz Phiwokuhle Mahlaba othe ufe olwembiza ngokulawa kwendodakazi yakhe.

“Le ngane ibihlakaniphe ngendlela eyisimanga futhi ihlonipha. Ngimngaka nje bengikwazi ukuthatha iseleluko sayo, noma singabobi ngaso linye nonina kodwa yona ibikwazi ukungena phakathi kwethu iseluleke. Uma izocela imali yokwenza ikhanda ibeguqa ngamadolo kimi,” kusho uMahlaba.

Uqhube ngokuthi ubenethemba lokuthi uLondeka uzofunda aqede adlulele eNyuvesithi eyokwenza izifundo zomthetho njengoba wayefisa ukuba ummeli.

“Lo mfana wengena ngesango wadlula nemoto yababa wekhaya egaraji okukhomba ukuthi wayekhona umnikazi womuzi. Waqeda lapho wayogulukudeka ekamelweni nalapho wafike wadubula khona uLondeka,” kubalisa ilunga lo mndeni uNksz Slindile Bhengu.

Eqhuba uthe emuva kokuzwakala kokuqhuma kwesibhamu kwathuka wonke umuntu owayekhona endlini.

“Sathi siqeda ukuthi sibheke ukuthi kwenzekeni sabona ukuthi uselimele uLondeka. Ngesikhathi sesiphuma egcekeni sathola ukuthi kunesinye isidumbu emuva kwekhisi,” kulandisa uNksz Bhengu.

Uveze ukuthi lesi sigameko senziwe umfana wakwesinye isigodi abakhele naso futhi babuswa inkosi eyodwa yakwa Ngcolosi.

Nakuba kunjalo uthe kodwa ayikho into engase ibaxabanise ngoba yena uhlakaniphile.

Related Articles

Back to top button