
Uzinikele emaphoyiseni owesifazane owabaleka noR250 000 wendoda
Philasande Luthuli
KULINDELEKE ukuthi avele enkantolo yeMantshi eMatatiele ngoMsombuluko owesifazane osolwa ngokubaleka ingalo yomthetho iminyaka emine.
Umsolwa oneminyaka engu-32 engeke simgagulule okwamanje uzinikele emaphoyiseni kulandela ukufunelwa icala lokuqola umuntu imali engango-R250 000.
Umsolwa ubefunwa njengomsebenzi emuva kokuthi ewake owesilisa ezinkundleni zokuxhumana wamdayisela ingulube isesakeni.
Umsolwa wafaka isikhangiso ezinkundleni zokuxhumana edayisa ngeQuantum mbumbulu ngenani likaR250 000.
Umgilwa walutheka wagcina emfakela lemali ebhange, emuva kwalokho umsolwa wangabe esephinde watholakala nasocingweni.
Kwabe sekuvulwa icala esiteshini samaphoyisa eMaloti, eMatatiele ngo-Agasti 2020.
NgoLwesine abaseshi abavela kwiSAPS Commercial Crime Unit eMatatiele baxhumane nonogada bakwaZulu-Natal iReaction Unit South Africa (RUSA) ukuthi babasize bazingele lo msolwa.
Umthombo osondelene nalolu daba uveze ukuthi amaphoyisa abesehoshe umoya wokuthi umsolwa ucashe eNdwedwe kulesi sifundazwe.
Ulwazi olulethwe i-Investigation Officers nolusatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana lithole ukwesekwa kwaba khona abancinza indlebe amaphoyisa.
Umsolwa umpimpiwe ukuthi ucashe komunye umuzi kwaSokombo eNdwedwe zakhala.
NgoMgqibelo ube esephindiselwa emuva eMatatiele ukuyobhekana namacala wakhe.