Ezokungcebeleka

Impi kaBig Zulu noDuncan ishiya imibuzo ngeHip Hop

Liya Mseleku

ISIHLABANI seHip Hop kuleli uZakwe uthi yibo okumele bazinuke amakhwapha ngezinga leHip Hop kuleli.

Lokhu kuza emuva kokutholana phezulu kwashunqa uthuli phakathi kwaBig Zulu noDuncan.

Isuswe uBig Zulu ekhipha ingoma esihloko sithi 200 Bars.

UBig Zulu ushiya angalazi kozakwabo kwiHip Hop eMzansi kodwa ugadle kwephukela kuDuncan.

Uphendule ngesihloko esithi After Tears uDuncan kwamuncu.

Okuqaphelekile izinkulumo eziqoshiwe lapho uBig Zulu esabisa uDuncan namanye amagama aqosheme.

Kusukela ngoLwesihlanu kunegidigidi njengoba kuvela amagama osaziwawo abaningi abathintekayo kule mpi yomculo.

UZakwe ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi: “Eqinisweni, sekucacile ukuthi iHip Hop ayifile, cha ayikho into ewrong ngeHip Hop, silokhu sithi siyacindezelwa noma siyavalelwa ngenxa yePiano, NO!!!

Yithina bantu be Hip Hop abangashayi khona, sixebula iside net, asenzi into abayithandayo FINISH. Nazi izingoma zabafwethu ziyatrend, okusho ukuthi masingenza into e-interesting, abazoyithanda, bazozeseka,” usho kanje.

Akawagwinyanga amazwi wakhe uZakwe, noBig Zulu ngoMgqibelo emini ubuze ukuthi ikuphi inkinga kubaculi beHip Hop?

“Ok SA ningicelile ukuthi ngenze 200 Bars ngokunihlonipha nganenzela. Uqengqeleza wodwa kuYOUTUBE, unombolo-3 kwiTunes. Naba no-After Tears baphumile kumnandi sijabulela iHip Hop. Umbuzo uthi inkinga ikuphi ngeHip Hop? Kungani abaculi bangakhiphi noma isikhathi seHip Hop noma iRap asisekho Uthin owakho umbono? ubuze kanje uBig Zulu.

Related Articles

Back to top button