Ezokungcebeleka

Owodumo kwiSibaya ukhishwa ngoshova nezingane endlini

Bahle Mkhize 

UCELA noma ngabe ubani ongaba nosizo umlingisi osezakhele igama kuleli uGcina Mkhize (51).

Lo mlingisi ushuthe ivideo ekhombisa amadoda amabili ephethe izando egqobhoza umuzi awuthenga ngonyaka ka-2015.

Ubememeza kule video ethi kuyabhidlizwa kwakhe ehleli ngaphakathi.

“Iziqhwaga zaseGoli ezinemali, ziboneleni! Isiqhwaga esikhulu esinemali sithenga noma ubani ukuze kwenzeke ngale ndlela esifuna ngayo.”

UGcina uthi ulale endlini kukhishwe amawindi, ukuphepha kwakhe nabantwana bakhe kusengcupheni kulo muzi.

“Ngilale ngizibuza ukuthi kungenzekani ebusuku noma ngubani angangena egumbini lami enze akuthandayo. Ngidinga usizo lwenu Mzansi noma ubani ongasiza ngosizo lomthetho,” esho.

Uthi ugesi unqanyulwe yilo wesilisa obhidlizayo, abakwazi ukushaja, badinga nokudla. Eqhubeka uthe ngeke aphume kuleliya gumbi ngoba kuyosho ukuthi ngeke esabuya.

“Sekusehlathini njengoba nibona vele ngiyisosha. Ngicela nisisize nabantwana, sengiyiciko elingasaqasheki angazi kungani ngingasawutholi umsebenzi, bayazi abawuphethe umkhakha ukuthi kungani, anginamholo ongenayo. Noma ngithi ngiyahlanganisa akuhlangani,” kuchaza yena.

Ezinyangeni ezimbili ezedlule uGcina waveza kwabezindaba ukuthi kunendoda emkhipha ngoshova kulendlu kusukela ngoJanuwari.

Uthi udaba walibika emaphoyiseni aseMondeor kodwa akaze asizakale.

Okokugcina uthi uhlinzelwe ezibini ngisho nayinkampani ayikhokhela njalo ngenyanga eyicela ukuthi ayimlekelele.

Uthi imane yamshaya indiva lamadoda amabili akhipha nefastela kwasala ikhethini.

UGcina uke walingisa indawo ephambili kaKhanyi Ndlovu ewunkosikazi kaGatsheni kwiSibaya.

Uphinde walingisa nakuMlilo lapho wayedlala phambili nabalingisi okubalwa uHamilton Dlamini, Ledwaba noNomzamo Mbatha.

Related Articles

Back to top button