Ezokungcebeleka

Akafunwa nawumndeni umlingisi oshade owase Zimbabwe

Liyah Mseleku

INKAKHA yomlimgisi kuleli ozakhele ugazi kwiRhythm City uSatlhabi Taunyane akasafunwa nalapho ehambe khona umndeni wakhe.

Ekhuluma kwiPodcast kaKing David Mashabela obuye asakaze kwiRadio 2000, uBra Kop uveze ukuthi umndeni wamkhipha kanjani inyumbazane.

Ekhula uBra Kop uthi wayezi ukuthi ufuna ukushada nowesifazane okungesiyo owakuleli.

Uthi izinkinga zakhe nabomndeni zaqala mhla eshada intokazi yaseZimbabwe, okuze kube manje abakaze abomndeni bakwamukele lokho.

“Selokhu kwathi nhlo ngangihlezi ngizibona ngishadelwa owesifazane waseZimbabwe noma eGhana. Ngiwuhambe wonke umhlaba ngake ngahlangana nowaseJamaica ngathi ngibeka amabili wagxuma nogodo ethi yena uyoshada nomuntu waseJamaica,” exoxa.

Uthi ngelinye ilanga eyothenga amagwinya wahlangana nowesifazane owenza inhliziyo yakhe ishaye ngamandla.

“Ngazama ukuzethula kuye kwasho khona ukuthi umatasa ngagcina ngishiye inombolo yami yocingo. Emuva kwezinsuku wangifonela,” usho kanje.

UBra Kop kulapho ke athi kube wukuqala kwezinkinga.

“Sihlukumezekile ngoba ungowaseZimbabwe. Umndeni wami awukaze umamukele,” kusho yena.

UBra Kop uveze ukuthi useshade iminyaka engu-17 nowakwakhe.

Uthi isigameko sakamuva sokungamenywa emshadweni wesihlobo sakhe kushayelele isipikili sokugcina.

“Ngisanda kuzwa ukuthi omunye umzala wami eDiepkloof ubeshada emasontweni amabili edlule, akekho owangazisa,” kuqhuba yena.

Lo mlingisi uzwakalise ubuhlungu bakhe ngokuphathwa njengomuntu wangaphandle ngenxa yobuzwe bomkakhe.

“Akukashintshi ngoba ngishade nekwerekwere nokuyigama elicwasayo elisetshenziswa uluchaza abantu bokufika,” kwengeza yena.

Yize kunezingqinamba uBra Kop uthi usewamukela.

“Uma usulahliwe wumndeni, le nto iyakhula, nangaphandle komndeni,” kuphetha yena.

Related Articles

Back to top button