Bayavela abasolwa kwelokubulala abesifazane babadlisa ngezingulube
AZOFAKA isicelo sebheyili amadoda amathathu asolwa ngokubulawa abesifazane ababili qede babaphonsa emphandwini wezingulube.
Bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMankweng ngoLwesibili bebhekene namacala okubalwa ukubulala, ukuzama ukubulala, ukuba nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu, nokubalekela umthetho ukuthi udlale indima yawo.
Phakathi kwabasolwa kubalwa umnini weplazi uZachariah Johannes Olivier (60), Andrian Rudolph de Wet (19) nowesilisa waseZimbabwe ongenawo amaphepha okubankuleli uWilliam Musora.
UMusora uphinde wathweswa icala lokuba kuleli ngaphandle kwamaphepha amgunyazayo.
Laba basolwa sebeke bavela enkantolo phambilini ngomhla ka-26 ku-Agasti kodwa ummeli wathi babengakulumgeli ukufaka isicelo sebheyili.
Abafi okungo Mariah Makgato (47) noLucia Ndlovu (34) badutshulwa kaningi ngaphambi kokuphonswa emphandini wezingulube.
Iziphathimandla zakufakazela ukuthi impela lesi sigameko senzekile.
Uphiko lwamaphoyisa eTracking Team yiwo alandela umkhondo agcina ebavalela abasolwa.
Ngokucayi becala kulindeleke ukuthi lidluliselwe eNkantolo enkulu yase Limpopo, ePolokwane.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority esifundazweni uMashudu Malabi-Dzhangi uthe banecala eliqinile.
“Njengamanje abaphenyi becala bahlanganisa ubufakazi obuqinile nobuzokhomba ukuthi icala lizotjethwa kuphi. Ekugcineni ubulungiswa kizokwenzeka. Kwaba nesihluku esesabekayo kwenziwa leli cala” usho kanje.