
Bayikha ngamafosholo imali abameli kwelikaMboro
ITHIMBA labameli baPaseka “Mboro” Motsoeneng bagoduka nemali ebalelwa ku-R100 000 nangaphezulu ngosuku.
Ummeli wakhe, u-Advocate Mo-Afrika wa Mailae, uthe ukuhlehliswa kwecala ngabashushisi bombuso kwenza ikhasimende lakhe linyukelwe izindleko njengoba selihlanganise ithimba labameli okungabameli abathathu no-Advocate abathathu.
Kuze kube manje uMboro usevele izikhathi ezine eNkantolo yeMantshi yase-Palm Ridge kanti imali ilokhu ikhuphuka.
“Awucabange nje ukuthi ingakanani imali ayisebenzisayo ukumelwa abameli bakhe ngosuku?
“Unabeluleki abakhulu kulolu daba, kanti zonke izinsuku uma sifika lapha, udaba lungalalelwa, sikhuluma ngemali elinganiselwa ku-R110 000 okumele ayikhokhe ukuze sibe lapha,” kusho uWa. Mailae.
UMboro ubhekene necala lokuthumba, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, ukuqhumisa isibhamu nokushaya, namanye amacala.
Lokhu kusukela engxabanweni eyenzeka esikoleni samabanga aphansi eGoli lapho uMboro ayefuna khona ukuthi isikole sikhiphe abazukulu bakhe ngaphandle kwemvume yomqaphi wabo osemthethweni.
Esigamekweni ebesingalindelekile ngesikhathi kuvelwa phambi kwenkantolo ngoMsombuluko, abashushisi bombuso bacele ukuthi kuhoxiswe iMantshi ephethe.
Umshushisi woMbuso uPeelo Vilakazi uthe iMantshi uKatlego Mokoena imsola ngokuba nesandla esiqinile kuMboro.
Okhulumela i-NPA e-Gauteng, uPhindi Mjonondwana, utshele abezindaba ukuthi “kube nokuqonda mayelana nokuthi owengamele icala ngeke aveze umqondo ongachemile uma ehlulela” udaba.
“Phakathi kwezizathu ezivezwe wumbuso ukuthi umeme ithimba labasolwa egumbini umbuso ungekho walitshela ukuthi ‘alihambe liyolungisa’ incwadi efungelwe ebhalwe kabi ngaphambi kokufaka isicelo esinamaqiniso amasha.
“Ngaphezu kwalokho, kusolakala ukuthi wakhuluma ngendlela engafanele kumshushisi obambe isicelo sebheyili ukuthi ulukhuni kumsolwa,” kusho uMjonondwana.
Scrolla.Africa