Izindaba

Uzobolela ejele uthisha owadlwengula otakalani wabavala ngo-R2

Philasande Luthuli
UZOBOLELA ejele uPatrick Bheki Nkosi (60) obenguthisha ogwetshwe odilikajele ababili  eVryheid Regional Court.

UNkosi utholwe enamacala okudlwengula abafanyana ababili.

Izisulu zazithunywe esitolo kanti zizohlangana nomdlwenguli owabaholela endlini yakhe wabanukubeza bobabili.

“Ngosuku lwango mhla ka-11 Julayi 2019, abagilwa abaneminyaka emine nemihlanu nababethunywe esitolo bahlangana noNkosi owabaholela endlini yakhe wabadlwengula. Eseqede ukubanukubeza wabayalela ukuthi bangake bathi vu maqede wabanika imvalamlomo ka-R2 umgilwa ngamunye,” kusho isitatimende.

Ithumba laqhuma ngesikhathi oyedwa walezi zisulu ekhala ngobuhlungu ngemuva. Kubikwa ukuthi unina walo mfanyana wambheka  nebala wathola ukuthi udlwenguliwe.

Akabange esapholisa maseko unina walo mfana waphuthuma emaphoyiseni aseduze eyovula icala.

Lo wesilisa ubegciniwe esitokisini kwaze kwaba uyagwetshwa.

Khonamanjalo, liwashonele amaphoyisa amane aboshwe uphiko lwamaHawks kwaZulu-Natal ngoLwesibili ekuseni.

Lokhu kuza emuva kokuthi amaphoyisa amane ebanjwe uphiko lweDPCI’s Serious Corruption Investigation ngeSonto.

Ngokwemibiko kuthiwa bagaxeliswe ukufuna imali engango-R100 000 kunkosikazi womsolwa obanjwe namabhokisi kagwayi womgunyathi ePhoenix, eThekwini.

Le mali ebifuneka beyizokwazi ukuthi adedelwe umsolwa kubuye nempahla eboshiwe.

Kuthiwa unkosikazi ukwazile ukuhlanganisa imali engango-R80 000 kanti sekucushwe umgoga amalunga eDPCI zakhala.

Related Articles

Back to top button