IChery South Africa iza noswidi weSUV
Sihle Mkhize
SEKUHUBELA sakusha njengoba inkampani yezimoto iChery South Africa ifunga ukuthi ngeke uphele lo nyaka ingalethulanga uhlobo olusha.
Le nkampani izokwethula lolu hlobo lweSUV olune technology yesimanje nobukhazikhazi ngaphakathi.
IChery SUV ibiphendula amakhanda ngesikhathi kune Festival of Motoring eGoli kungekudala.
Lobu bukhazikhazi nokuthuthukiswa kwayo kuzoyenza ibe sembangweni neTiggo 4 Pro kanye neTiggo 7 Pro.
“Kuyintokozo ukusho ukuthi iTiggo Cross esanda kwethula eNingizimu Africa izobe igijima emgaqweni ngaphambi kokuphela kwalo nyaka. Asizogeqa amagula okwamanje, esingakusho ukuthi sizithemba kakhulu ukuthi amakhasimende wethu azolijabulela inani nakho konke okuhle le moto eza nakho,” kusho uVerene Petersen oyiNational Marketing Manager eChery South Africa.
Le moto izobe igabe ngenjini enewarranty ka-10 year/1-million kilometer engine warranty kanye neminyaka engu 5/150 000 km warranty.
Kukho konke lokhu kukhona nosizo olutholayo uma ubhekana nenkinga emgaqweni kuze kube iminyaka emihlanu.
Okunye egabe ngakho iTiggo Cross ingaphakathi lesimanjemanje ngegrille esadayimane namalambu angaphambili amancanyana akudonsa usekude ohlobo lwe LED.
ITiggo Cross iphinde igabe ngobuchwepheshe obuzothokozelwa abathandi bezimoto.