Umngani kaMapaputsi ezinsolweni zokuqola umndeni uR50 000
UMNDENI kaSandile “Mapaputsi” Ngwenya (45) osanda kushona uvika amaqola azama ukwenza imali ngesidumbu salo mculi.
Ilunga lomndeni elikhulume neCity Press nelingathandanga negama lalo lithe. “Kuyishwa ukuthi njengoba sigutshelezwe yifu elimnyama sekukhona abantu abazama ukuxebula umkhoma kithi,” usho kanje.
Kuthiwa lo “Msamariya” uthe uzolula isandla ngokuhambisa isidumbu esisusa eThekwini asiyise eZola, Goli, aphinde abhekane nezindleko.
Umndeni uthi ukholwa wukuthi bekuyicebo lokuthi kube nohlobo lwemoto ethile esetshenziswayo ukuze kuqoleke lo mndeni osemakhandleleni.
Umndeni unqabile nokuyilapho ke lo wesilisa enqohe khona nesidumbu.
Lo “mngani” ubefuna ngodli imali engango-R50 000 ukuze ezokwenza isitifiketi sokufa.
Uphinde wafuna nemininingwane yasebhange kamama kaMapaputsi ngaphandle kokuchaza.
Emuva kwengcindezi yomndeni, amaphoyisa, iFuneral Industry Reformed Association
neDepartment of Sports, Arts and Culture bagcine bekwazile ukubuyisa isidumbu.
Okunye okuvelile wukuthi uMapaputsi waqala ukuhlatshwa ukugula sekuya ngasekupheleni konyaka odlule.
Nokho wavuka wazithatha kodwa isimo sempilo sasingasafani nasekuqaleni.
Lo makadebona uzalelwe eZola, Soweto, kanti i-album ayamfaka kubantu ngethi Izinja ayikhipha ngonyaka ka-2001.
Empeleni, uqale ukungena shi emculweni ngo-1998 esebenzisana neTKZee, Chiskop, noSbu.
Igama lika DJ Khabzela naye ongasekho owayesaka kwiYFM liyavela njengomuntu owamfaka estudio ngo-2001.
Ngonyaka ka-2003 wanqoba indondo yeBest Kwaito Artist neBest Kwaito Song kuMetro FM Awards ngo-2002.
Umndeni wakhe ucele ukunikwa isikhathi njengoba usabubazelwe yifu elimnyama.




