Ezemidlalo

OwePirates usephenduke ibread winner yeBafana 

UThalente Mbatha uphinde waba ngumsindisi weBafana Bafana ngesikhathi eshaya igoli ngomzuzu wokugcina inqoba ngo 3-2 ekuhambeni.

Lo mdlali wasesiswini we-Orlando Pirates usuke ebhentshini washaya igoli elinqobise iBafana ibhekene neSouth Sudan ngoLwesibili ntambama.

UMbatha oneminyaka engu-24 ubudala wenze okufanayo nangoLwesihlanu e-Orlando Stadium.

Wangena esuka ebhentshini wafike washaya igoli lokulinganisa sekuvalwe amehlo bebhekene ne-Uganda.

Nendlela awashaye ngayo lamagoli akhe icishe ifane njengoba ededele udalimede ngonyawo lwesinxele.

Lokhu kuwina kwenza iBafana Bafana ibuyisele umkhankaso wayo wokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025 emgqeni.

Bekubukeka sengathi umdlalo uzophela zibambene ngo 2-2 kodwa uMbatha washaya elihle igoli sekuvalwe amehlo.

Lokhu kushiye abadlali beSouth Sudan nabalandeli babo abebenomdlandla omangalisayo bengakholwa futhi bekhihla isililo.

Ukudlala ngokulingana bekuzoba wumphumela omuhle kakhulu kuleli qembu laseSouth Sudan.

IBafana isinamaphuzu amane, alingana nawe-Uganda eqhwakele kuGroup K ngenxa yomehluko wamagoli.

Lisenethini

 

Related Articles

Back to top button