Izindaba

Owaxoshwa oKhozini FM uvuka kwiMK Party?

Bahle Mkhize

UPASTOR Sthembiso Zondo wodumo lwezinkulumo ezakhayo emsakazweni Ukhozi FM ujutshwe iMK Party.

Ngokwemibiko esisabalele nasezinkundleni zokuxhumana kuthiwa uZondo ujutshwe nabanye abaholi abaqavile okubalwa noDkt John Hlophe.

Itoho labo kuthiwa ukuyoqinisa umkhankaso wokhetho lokuchibiyela oGwini.

Kuzokhumbuleka ukuthi uZondo waxoshwa oKhozini ngo-2015 ngemuva kokuba intombi yakhe yamshutha enqunu.

Ayigcinanga ngalokho, kodwa yasabalalisa ividio yakhe ezinkundleni zokuxhumana eshaya ngesudi yesele.

Lokhu kwenza i-SABC yanquma ukumxosha ohlelweni iVuka Mzansi Breakfast Show ayeyenza noLinda Sibiya oseku-EFF.

Nokho kuleli sonto imibiko ithi i-MKP ikhombise ukumethemba njengoba ephambili kwabasemkhankasweni wokuba inqobe uwadi-24 ongaphansi kukaMasipala iRay Nkonyeni.

IPurpose ithinta uZondo mayelana nalolu daba uphike walala ngomhlane.

“Ngifonelwe umuntu ebusuku ethi ngiyatrend. Ngiyasola ukuthi umuntu oyedwa omelene nokuhubhuza amanga ngegama lami. Mina ngiyabizwa emicimbini njengawo wonke umuntu, alikho iqembu lezepolitiki engingathi ngicheme nalo udede,” usho kanje.

Ebuzwa ukuthi angaphendula athini uma leli qembu lingase limcele, uthe ngeke alokhu ebhala ecisha.

“Ngingathi yebo kodwa abafake imali,” usho kanje uZondo efa uhleko.

Lolu khetho lokuchibiyela lusezifundazweni ezinhlanu okuy-iFree State, KZN, iMpumalanga, i-North West ne-Gauteng.

Lolu khetho lugaqelwe amafolosi angu-80  namaqembu ezepolitiki angu-15.

KwaZulu-Natal ayisishiyagololunye amawadi okuzobe kugadulisana kuwona i-ANC, i-DA, i-ActionSA, i-MKP ne-IFP.

Kwenzeka lokhu nje i-MKP isanda kunqoba iwadi e-North West, e-Marikana.

 

Related Articles

Back to top button