Ligqashukile igoda kuKhuzani nabaculi baMaskandi
Philasande Luthuli
LIGQASHUKILE igoda phakathi kwenkampani yomculo kaKhuzani Mpunguso iGP nabaculi ababili baMaskandi.
Le nkampani ibisayine uMasethembe “Skweletu” Chiliza noMkhulekelwa Mpungose.
Abazazi kancono bathi vele bese bumuncu ubudlelwano phakathi kwalaba culi noKhuzazni ikakhulukazi uSkweletu.
“Isigameko sakamuva nje ikwiMpucuzeko Maskandi Festival yakamuva lapho uSkweletu wayekhala ngesikhathi sakhe esadleka ngaphambi kokuthi kungene uKhuzani (golden hour). Waveza nokuthi kwenzeka okufanayo naseBergville. Omunye wayezomdedela uSkweletu ngoba vele bebedla bhodwe linye noKhuzani futhi engumpathi wakhe. Ngisola ukuthi uKhuzani ubuye akhohlwe ukuthi unamaciko okumele awafukule. Lokho kuvela ngokuthi uyena ohlezi ezibeka phambili kukho konke,” kusho umthombo.
Kuthiwa ukukhononda kwaSkweletu esidlangalaleni kungenzeka ukuthi yikho okumdalele amazinyo abushelelezi.
Omunye uthe akukho okusha ngoba vele iGP ikunika iminyaka emibili njengoba yenza okufanayo kuMzukulu noDumakahle.
IGP idedele isitatimende iveza ukuthi impela ucu alusalingani kodwa basavule izandla ukubamukela labaculi ngelinye ilanga.
“Sifisa ukudlulisa ukubonga okukhulu ukusebenzisana okuhle phakathi kuka Masethembe Skweletu Chiliza kanye noSbusiso Mkhulekelwa Mpungose.
Ngemuva kokuphela kwesivumelwano sokusebenzisana phakathi kwenkampani nala maciko, inkampan ibe nomhlangano wokuhlahla indlela eyaphambili. Isifiso senkampani ngala maciko sifezekile njengoba kukuningi okuzuzwe umkhakha walomculo kaMaskandi ngala maciko amabili.
Nokuqinisa idolo kakhulu ukuthi ukhakhayi luqine ngokwanele ukuthi bazokwazi ukushaya izinsizwa ngokuzimela. Noma yinini lamaciko uma ebuya sizowamukela ngezandla ezimhlophe. Lokhu sikwenze ngokuvumelana ukuhlola amandla ebanga esebelihambile endimeni yezomculo.
Futhi inkampani iyakuqinisekisa ukuthi isazoqhubeka ilekelele lapho kuzoba khona izingqinamba khona ohambeni lwabo. Izoba seduze kuze kube bazithola esimweni abasifisayo emculweni.
IGP ikhuthaza ukulekelela amaciko ukuze akwazi ukuzimela angadlali abantu abangosomathuba,” kubhalwe kanje.
UMkhulekelwa uvumile ukuthi impela seligqashukile igoda usezozimela kodwa wala waphetha ukunaba ngezizathu
Kwenzeka konke lokhu la maciko asanda kukhipha ama-album.