Umhobholo uxove ubudlelwano baBabes Wodumo noDJ Kotini
Liyah Mseleku
UBABES Wodumo akasabhekani noDJ Kotini abangene naye estudio ngenhloso yokuvusana emculweni.
La mahlebezi athuse abaningi njengoba bobabili bahlanganyele engomeni, benethemba logila izimanga njengoba kubhekwe kumaholidi kaDisemba.
Nokho abazishwashwathayo bathi umbango wokukhishwa kwengoma usudale uqhekeko nokushuba kwesimo.
U-DJ Kotini wanameka ividio ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi beqopha le ngoma, ememezela ukuthi uBabes ushaya ibuya.
“Uyabuya,” wabhala kanje. Abalandeli bajabula ngalokhu, kodwa muva nje izinto azisahambi kahle.
Imithombo esondelene nalesi simo iveze ukuthi uBabes uyenqaba ukukhipha le ngoma, yize evumile ukusebenzisana noKotini kuyo.
U-DJ Kotini wayemcelile ukuba azocula engomeni enesihloko esithi Nzo Nzo Nzo noMadanon.
Kodwa-ke, ngemuva kokuzwa amandla engoma, uBabes nelebuli yakhe yokuqopha kuthiwa bavukwe ‘umhobholo’.
“Bayizwile le ngoma, base beshintsha umqondo. Manje sebefuna ukuyenza eyabo le ngoma,” kucashunwe umthombo usho kanje.
U-DJ Kotini, okunguye owakhokhela istudio la kwaqoshwa khona le ngoma, futhi wahlela yonke into.
U-DJ Kotini ube ubehlela ukukhipha i-albhamu yakhe ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
“Ukhungathekile ngoba ufuna ukuhlela iholidi lakhe, kodwa uBabes wenza kube nzima,” kwengeza umthombo.
Lo DJ ongaconsi phansi kwabaningi usanda kunqoba indondo yeBest Kwaito/Gqom kwiMetro FM awards ngo-Ephreli.
IPurpose ixoxisane nalo DJ owazekhela udumo ngokudlala umculo we-Electro, uthe akusilo iqiniso ukuthi abasazwani noBabes.
“Kuvele ukuthi inkampani kaBabes izokhipha umculo wakhe, kwaqondana nesikhathi ebengisihlelile sokukhipha. Sibe sesixoxisana ukuthi okuncono ngihlehlise ukukhipha umsebenzi wami okungenani ngesikhathi esingangenyanga,” usho kanje.
Uqhube wathi i-albhamu yakhe izophuma ekupheleni kukaSepthemba, kanti le ngoma ebangwayo iyingxenye yayo nokubalwa esihloko sithi Izinto Zami.
Ngesikhathi ethintwa ukuze aphawule, uBabes Wodumo unqabile ukuphumela obala, wavele wathi.
“Akukho engingakusho okwamanje.”