Izindaba

Isililo eHlokozi kudutshulwa kubulawa amalunga omndeni (7)

Liyah Mseleku

KUDUTSHULWE kwabulawa izingane ezintathu okubalwa neneminyaka emine, eHlokozi, eHighflat, ogwini oluseningizimu nesifundazwe sakwaZulu-Natal.

Lezi zingane zibalwa nabanye abantu abadala emndenini wakwaNkambule. Abane babo kusolakala ukuthi  badutshulwe emakhanda behlaliswe kusofa.

Asikaziwa isizathu sokubulawa kwabo kuze kube yimanje kanti abasolwa basagcwele amathafa.

Uphiko lwe-KZN Serious and Violent Crimes luyaphenya.

Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi izingane ziphakathi kwabagilwa.

UNdunankulu uThami Ntuli usenxuse amaphoyisa ukuthi aphenye kabanzi athole abathintekayo.

‘‘Sizibophezele ekuqinisekiseni ukuphepha kwawo wonke umuntu KwaZulu-Natal. Ezindaweni zasemakhaya kukhona, izinduna namakhosi yini le engaka ebingeke isaxoxela? Imicabango yethu isemindenini ethintekile ngalesi sigameko esibi,’’ kusho uNtuli.

Izikhulu eziphezulu zamaphoyisa nabaholi besifundazwe bahambele indawo yesigameko ngoLwesine.

Khonamanjalo, asathuthumela  amalunga omndeni athunjwe eMlazi kwaD, eThekwini, ngoLwesithathu ebusuku.

Ngokwemibiko esababele ezinkundleni zokuxhumana kuthunjwe ubaba wekhaya, unkosikazi nezingane ezimbili okubalwa neyentombazane eneminyaka eyishumi.

Kuthiwa bathunjwe ngemoto emhlophe yohlobo lweTotota Avanza enezinombolo ezithi NUZ 43812.

Kuvele ukuthi imoto itholakele ikhiyiwe enkabeni yeTheku kodwa abagilwa abaziwa.

Sekuqubuke nezinsolo zokuthi inhloso yokuthunjwa kwalo mndeni ukuthi bakhishiswe yonke imali ebhange.

Okudidayo wukuthi kungani kuthathwe nentombazanyana eneminyaka eyishumi ubudala.

Ngokwemibiko kuvele ukuthi amaphoyisa azisiwe kanye nenkampani yonogada edume ngokushaya umsebenzi iReaction Unit South Africa (RUSA).

Nokho kuphinde kwavela ekuseni ukuthi asetholakle la malunga eshiywe ehlathini thizeni khona kuleli dolobha.

Related Articles

Back to top button