
UVusizwe Langa uvuke ngoSgiya Ngengoma oKhozin FM
UNYELWE inyoni esandleni uVusizwe Langa oqashwe uKhozi FM ukuvala isikhala sikaTshatha Ngobe ohlelweni lukaMasikandi uSigiya Ngengoma ngoMgqibelo.
Ngsbuluko ekuseni izikhulu ezibambile kulo msakazo okubalwa uMandla Mdletshe bebesemsakazweni ekuseni ohleweni iVuka Breakfast Show bememezela izinguqoko ezizoqala ngo-Ephreli 1.
UVusizwe uzosakaza noBingelela Mpanza kuthi uTshatha uqhubeke nohlelo iWoza Nabangani Bakho noSelby Mkhize ntambama phakathi nesonto njengenjwayelo.
Ezinye izinguquko ebizingalindelekile ukubuyiswa kwaSthandwa Nzuza kulo msakazo. Kuzokhumbuleka ukuthi uSthandwa waphelelwa itoho woKhozini ngo-2019 kulandela ukuthi inkontileka yakhe ingavuselelwa.
kulokhu usezongena ngo-3 kuya ku-6 ntambama ngoMgqibelo ohlelweni obelushayelwa uKhetha Gwala.
Ngo-12 kuya ku-3 ntambama ngoMgqibelo uMaFresh wuye osezothatha ngokugcwele iTop 20 eyashiywa wuMandla Magwaza ngonyaka odlule.
Ohlelweni olwalwenziwa wuZanele Mbokazi ngeSonto ekuseni i-Eshilo isizothathwa wuPhindi P.
Igama likaSiya Mhlongo osekunesikhathi engazwakali emoyeni kulandela ukuvulelwa icala lokushaya alimenyezelwanga. Uhlelo abelwenza Ubusuku Obuhle ngo-8 kuya ku-12 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesine seluzokwenziwa wuNkosinathi Mshengu.
Izinhlelo zasekuseni kuya emini phakathi nesonto zishintshanga.