Ezemidlalo

UNabi udalula izinkinga zeChiefs edliwe

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usedalule lokho akholelwa ukuthi kube yimbangela yokuthi iqembu lakhe lidliwe ngeSonto.

Amakhosi ahlulwe ngo 2-0 yiRichards Bay emdlalweni weBetway Premiership eKing Zwelithini Stadium eMlaza.

UNabi useveze ukuthi ukungabi naye umgadli oqatha kweKaizer Chiefs kulo mdlalo kube yinselelo enkulu.

Lokhu kuhlulwa kweChiefs kubeke amathuba aleli qembu okuqeda endaweni engaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu engcupheni.

IRichards Bay ishaye amagoli amabili ngesiwombe sesibili. UFezile Gcaba noYanela Mbuthuma yibo ababe amaqhawe eqembu lasekhaya ngokushaya la magoli.

Abagadli abamqoka uRanga Chivaviro noTashreeq Morris bebengekho.

UMorris akekho eqenjini ngenxa yokuthi usalimele kanti uChivaviro ushiywe ngaphandle eqenjini ngenxa yokwehlelwa yifomu.

Lo mgadli uthwale kanzima abalandeli bemhhahhameza emdlalweni obuseFNB Stadium la eshwebe khona amathuba alula.

IChiefs iqale kahle kulo mdlalo obuseThekwini futhi yakha amathuba amahle, kodwa ingawasebenzisi ngendlela efanele.

U-Ashley Du Preez uke wazama ngekhanda ngomzuzu ka-22, kodwa ibhola kakhe laphelela esifubeni sikanozinti.

UPule Mmodi udedele amashodi kabili kodwa uSalim Magoola, wanqama, wawavimba lawo mabhola.

UNabi uveze ukuswela umgadli omude obezoba sebhokisini ukuze aqedele amabhola abebewagobela khona njengento ekhathaza kakhulu.

“Sidlale neqembu elihlala emuva livimbe ngabadlali abaningi ngaphakathi noma eduze kwebhokisi.

“Sizamile ukudlala ngezindlela ezehlukene futhi sigobe amabhola, kodwa besingaye umuntu omude ngokwanele ebhokisini,” kuchaza uNabi.

“Besidinga umgadli omude futhi onamandla obengaficwa ilawo mabhola.

“Kufanele sibongele iRichards Bay ngokunqoba kwabo abakusebenzele kanzima. Ibhola linjalo nje.”

Ukunqoba kwenyuse iRichards Bay endaweni ka-11 la ngamaphuzu angu-24.

Lisenethini

Related Articles

Back to top button