Ezokungcebeleka

Kuye ngamagama enkehli uKhozi FM luchitha uSiya

Bahle Mkhize

KUYE ngamagama enkehli obengumsakazi woKhozi FM uSiya Mhlongo bemcitha.

Alibizwanga nhlobo igama lalo msakazi ekuseni ngoMsombuluko kumenyezelwa izinhlelo ezintsha zalo msakazo.

Isikhala sikaMhlongo sizovalwa uNkosinathi Mshengu phakathi kwa 8 pm-12 am kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMhlongo ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesilisa “oyisinqandamathe sakhe”.

Leli cala selidlulele esigabeni sokuqulwa nokuphakanyiswe umhla ka-25 Ephreli kulo nyaka.

UMhlongo usolwa ngokushaya isisulu ngebhodlela ebusweni wasilimaza.

Isisulu sadalula ukuthi uMhlongo wavukwa yisikhwele ngemuva kokuba sivaleliswe ngomunye wabangani baso wesilisa, ababehlezi naye endaweni yobumnandi emgaqweni uFlorida, eThekwini.

Sathi lo wesilisa wathi “mncwa mncwa” ebhekise kuso, naso saphendula kanjalo, okuyikho okwanenga uSiya wavutha engabaselwe.

Phambilini uMhlongo wazichitha lezi zinsolo yize kwakunama video akhombisa esemotweni encenga lo wesilisa ukuba angene kuyona ukuze amphuthumise esibhedlela.

Kusuka kulezo zinsuku uMhlongo akabange esezwakala emoyeni.

Imithombo yangaphakathi emsakazweni yaveza ukuthi ukuthi ngasekuqaleni kwaNovemba wonyaka ophelile uMhlongo waya oKhozini eyocela ukubuyiselwa emoyeni kodwa iziphathimandla zamtshela ukuthi udaba lwakhe luyokhulunywa uma kuphothulwa icala.

Related Articles

Back to top button