
Ugwetshwe iminyaka (25) owabulala abesifazane ababili
Phila Luthuli
UGWETSHWE iminyaka engu-25 ebhadla ejele uLungani Mthethwa ngecala lokubulala abantu besifazane ababili.
NgoMsombhluko uMthethwa uvume amacala amabili okubulala uZizipho Gabisa (32) nomngani wakhe u-Anele Mbokazi (31) eNkantolo kaMantshi yaseThekwini.
Izisulu zatholakala zidindilizile eKenville ngasekupheleni konyaka owedlule.
Ngokombiko we-1KZN TV uMthethwa esitatimendeni sakhe esifungelwe esifundwe ummeli wakhe ukuvezile ukuthi konke akwenza ngobusuku bokubulawa kwalaba wayekwazi futhi ekubona kahle.
UMthethwa babekade bezitika ngamanzi amponjwana nabafi, nomngani wakhe uSandile Chili yena owaphenduka ufakazi wenkantolo.
UChili wageqa amagula, waninda uMthethwa ngecala.
Lesi sigwebo uzosidonsa kanyekanye kwazise ubegwetshwe leminyaka icala ngalinye, kulandela isivumelwano ababe naso nombuso sokuvuma icala.
UMthethwa uchiphize izinyembezi enkantolo waxolisa kubantwana kanti waxolisa nasemindenini yabagilwa ngokubaphuca impilo besebancane bashiya nezingane ezisencane.
UMthethwa waboshwa ngo-Agasti wonyaka odlule.
Izidumbu zabagilwa zatholwa umphakathi zidindilizile zigcwele igazi, okwathusa kakhulu abantu wukuthi lezi zidumbu zaingaziwa ukuthi ngezobani endaweni.
Ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi abagilwa babengabangani behlala eVerulam enyakatho yedolobha laseThekwini.
Kwavela ukuthi zaholelwa oPhathe uMthethwa emuva kokuhlangana kwabo emcimbini thizeni bashintshana nezingcingo nokwagcina ngokuthi uMthethwa abameme ukuyophuza utshwala.