
Izinsongo zokutapa kuphenywa ibheshu uMkhwanazi
UNQUNYELWE umhla ka-19 kwephezulu uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ukuba athumele isitatimende esifungelwe ukuphendula imibuzo athunyelwe yona.
UMkhwanazi usolwa ngokuphazamisa ukuboshwa kwesikhulu sezokuHlunyeleliswa kweziMilo eRichards Bay, ngo-2023.
“Lolu phenyo luwumphumela wesikhalo esivela emphakathini. I-IPID imile kwelokuthi nakuba ithola izikhalazo emithonjeni eyahlukene, uphenyo lwayo luhlala luzimele futhi aluchemile,” kusho i-IPID.
Ungqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu ukhiphe isitatimende kulandela udaba lweNews24 olukhomba yena ukuthi wahlohla i-IPID ukuba iphenye uMkhwanazi.
Kulesi sitatimende uMchunu uthi akavulanga icala kodwa uyalwamukela uphenyo oluqhubekayo.
Uthi uKhomishana wamaphoyisa usebenza ngokuzikhandla ukulwa nobugebengu njengakuzo zonke izifundazwe.
Uphawule nangokuthi uMnyango wakhe kumele uqinisekise ukugcinwa komthetho futhi uzokwenza konke okusemandleni ukulwa nobugebengu.
“I-IPID uphiko oluzimele olusebenza ngaphandle kokwenzelela futhi izinqumo ngamacala aphenywayo zenziwa ngokuzimela,”
Abantu abehlukene bakhombise ukunengeka uma bezwa ukuthi uMkhwanazi uyaphenywa njengoba etuswa umphakathi ngokulwa nobugebengu esifundazweni.
“Angathi akuthintwa uMkhwanazi uqobo lwakhe la, inhloso umphakathi kumele ube wukudla kwesigebengu ngentando yabathile la eNingizimu, kona angathi iyogcina yona ingasabekezeleleki lento,” kuphawula uBongani Magwaza.
“Mina ngibona kungenye yezindlela zokuthena amandla uGeneral Nhlanhla Mkhwanzi njengoba ebhekene ngqo nobugebengu. Kuyacaca ukuthi kukhona abambona eyisiphazamiso ezindleleni zabo zokungcola” kusho uSipho Rasta Duma.
“Umtshele lowo Ngqongqoshe kuthi wathinta uMkhwanazi uyobe ethinte thina siyiSouth Africa shukuthi sizotapha makunjalo” kusho uNomagugu Ntuli.