Ezokungcebeleka

UDJ ohlonishwayo kwabagebhele iRoyal AM

UDJ Black Coffee odume umhlaba wonke ukwabanye abagebhile njengoba befake izicelo zokudayiselwa iqembu lebhola iRoyal AM.

Leli qembu kuthiwa lihehe izinkinsela eziyisithupha ezifisa ukulithenga ngemuva kokufakwa endalini yiSouth African Revenue Service (Sars).

IRoyal AM yafakwa ngaphansi kokuphathwa wumlawuli weSars ngemuva kokuthi umnikazi wayo uShauwn “MaMkhize” Mkhize ehlulekile ukukhokha isikweletu sentela sika-R40 million.

Unqamulajuqu wezicelo uvalwe ngoLwesihlanu, kanti umdayisi uJaco Venter kumanje usebuyekeza izincwadi eziyisithupha zezicelo zokuthengiselwa.

Inkampani eholwa yilowo owayesikhulu seSuperSport United uDavid “Mazolman” Skosana nosomabhizinisi uJoe “Ferrari” Sibanyoni nayo ikwabanye abafake izicelo.

Isigqisethu sibike ukuthi labo somabhizinisi bahlela ukuthuthela leli qembu KwaNdebele, eMpumalanga ngesizini ezayo uma bephumelele ukuyithenga.

Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie yena ufisa ibuyele eBloemfontein.

Kubikwa ukuthi usezingxoxweni nabatshalizimali baseGreece abafuna ukuthenga le kilabhu bese beyibuyisela khona.

Esinye isicelo kuthiwa sivela ngaphandle kweNingizimu Afrika. Kunosomabhizinisi waseDemocratic Republic of the Congo okuthiwa unentshisekelo yokuthenga le kilabhu ecwile ezikweletini.

Leli qembu limiswe yiPSL ngoJanuwari ngenxa yokuphuthelwa yimidlalo yeligi neyezinkomishi. Njengamanje lihlezi emsileni kwilogi yeBetway Premiership njengoba isamile nje ekudlaleni.

Leli qembu kumanje linecala elisenkantolo elifakwe yiDA ngoxhaso luka-R27 million oluvela kuMasipala waseMsunduzi.

Cishe isibalelwa ku-R9 million imali esifakwe kule kilabhu kanti i-DA ifuna ibuyiselwe kumasipala yonke.

Kunamaholo, izimali zokusayina nezinye izindleko okuthiwa zihambisana nokuthengwa kwale kilabhu. IRoyal AM isakweleta umgadli uSamir Nurkovic u-R15 million, kanti kusenenye imali ekweletwa abanye abadlali abane.

Related Articles

Back to top button