Izindaba

Kuboshwe nowesifazane ecaleni lokubulawa kwephoyisa

KUBOSHWE abasolwa abahlanu okuhlanganisa nowesifazane oyedwa ngecala lokubulawa kwephoyisa lomgwaqo edolobheni iJohannesburg eGoli.

UJudith Makwela, wadutshulwa wabulawa ngaphandle komuzi wakhe e-Alexandra.

IJohannesburg Metropolitan Police Department (JMPD) Tactical Response Unit ibophe labasolwa ngecala elenzeka ngoMashi kulo nyaka.

Okhulumela iJMPD uFihla uthe amaphoyisa alunywa indlebe ngoMgqibelo waMashi 15 ukuthi abasolwa bapepenyeka ngakuphi.

“Emuva kwalezi zindaba iJMPD yaphikelela kwekheli eyayinikiwe eRiver Park, Alexandra.”

Endlini amaphoyisa athola izibhamu ezimbili, isibhamu somoya, ocelemba, nenqwaba yezinhlamvu kube sekuboshwa abadolwa abahlanu besilisa okuhlanganisa nowesifazane.

Bavalelwe e-Alexandra Police Station babekwa amacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.

Umsolwa ophambili uyaziwa emphakathini futhi usatshiswa okwenyoka. Kuthiwa uvumile ukuthi wambulala uMakwela ngoba ekhokha isobhongo, ubecashe endlini yentombi yakhe.

Indodakazi kaMakwela uLesego Selepe, utshele izintatheli ukuthi wabona kudutshulwe unina nomfowabo. Unina wadutshulwa ehlezi emotweni ngaphandle komuzi wakhe wagcina ngokushonela esibhedlela e-Edenvale.

Ilunga lomndeni elingathandanga negama lalo lithe uMakwela wawabika amacala amathathu okuzama ukumbulala kodwa kwacweba iziziba. Njengamanje bathi bewumndeni kuduma ikhanda abazi ukuthi yisiphi isizathu esiholele ekubulaweni kwakhe.

Related Articles

Back to top button