Izindaba

Kutholwe isidumbu nenxeba lenhlamvu ekhanda

Liyah Mseleku

KUTHOLWE isidumbu sowesilisa sinenxeba lokudutshulwa ekhanda silahlwe efokozini eliseduze komgwaqo e-Oakford, eThekwini, namhlanje ngoLwesibili.

Amalunga omphakathi afonele abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA).

IRusa ithi ithole ucingo emuva kancane nje kwehora lesishagalombili ekuseni luvela kumalungu omphakathi ngemuva kokubonakala kwalesi sidumbu ebesigcwele igazi.

Bafike nabosizo lokuqala kodwa kwatholakala ukuthi useyabanda umufi.

Bekungakaziwa ukuthi umgilwa ungubani nokuthi yini imbangela yokubulawa kwakhe.

Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi esibikwe ngenhla, ushaywe wanaba bamshiya nenxeba lokugwazwa owesilisa (42).

Icala lakhe kube wukubikela umqashi wakhe emsebenzini wokushayela imoto ekhokhelwa ngebanga elihambile ukuthi ubanjwe inkunzi.

Le ndoda yaseCanehaven, KwaZulu-Natal, ithi igilwe igoda umqashi ngoMgqibelo ekade ebanjwe inkunzi ngayizolo.

Ngokusho komgilwa uthi uphangwe kuMngeni Road, eThekwini, imoto yohlobo lweToyota Etios emhlophe kanye neselula yohlobo lweHuawei. Uma eqhuba nokulandisa uveze ukuthi uzijubile wachitha ubusuku bonke elele namaphara ngaphansi kwebhuloho ngoba kungekho lapho abengaquba khona ebusuku.

Uze wakwazi ukuvuka ngekusasa ngoMgqibelo wacela usizo kumuntu obezidlulela ngendlela.

Abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) babiziwe seligamenxe ihora leshumi emini.

Related Articles

Back to top button