
IPolo engozini edlule nomphefumulo kuN2
Aphe Gcwabe
ISHIYE kukhalwa kwaphuma isidumbu ingozi enyantisa igazi eyenzeke ngoLwesibili ekuseni kuN2 ngaseZinkwazi.
Kuphazamiseke ukuhanba kwezimoto amahora umgwaqo uvaliwe.
Le ngozi ibibandakanya izimoto ezimbili okuyi Mercedes Benz neVW Polo.
Umshayeli nomgibeli oyedwa kuMercedes Benz belimele kabi, ngeshwa omunye umgibeli ushonele khona endaweni yesigameko.
Emotweni yohlobo lwePolo umshayeli okungumuntu wesifazane ulimale kabi wavaleleka ngaphakathi.
“Kudingeke ukuba kubizwe ithimba labezicishamlilo kuzosetshenziswa udlawu ukuze akhishwe futhi wathola usizo lokuqala olukhethekile,” kusho abe-IPSS Medical Rescue Advanced Life Support.
Bonke abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene.
Esinye isigameko esinyantisayo esibike ngaso kwiPurpose yingozi eyenzeke ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule emgaqweni uR21 eduze neKempton Park.
Kwashona abantu abangaphezu kwa-12 kwathi abangu-45 balimala.
Labantu bebegibele ibhasi bevela emsebenzini bebheke e-Katlehong.
Abezimo eziphuthumayo bathole abesilisa abayisishiyagalolunye nabesifazane abathathu sebeshonile endaweni yesigameko, kanti abaphenyi basacubungula imbangela yale ngozi.
Okhulumela abase Ekurhuleni Emergency Services, uWilliam Tladi, uthe ibhasi ligingqike izikhathi eziningana ngaphambi kokuthi lime ngohlangothi. Abashonile kube abesilisa abayisishiyagalolunye nabesifazane abathathu.
“Lo mgwaqo ungaphansi kwa-Sanral. Sithembele kumakhamera afakiwe kuwo umgwaqo ukusiza abaphenyi ukuze bathole imbangela yale ngozi,” kusho u-Tladi.
Amaphoyisa avale umzila osenyakatho womgwaqo u-R21 ngesikhathi kuqhubeka uphenyo.