
Kuboshwe (7) ngecala lokudlwengula nokokhela ngomlilo usomabhizinisi
KUBOSHWE abasolwa abayikhombisa abaphakathi kweminyaka engu-24 no-36 ngecala lokudlwengula beshintshisana ngomgilwa nokushisa babulale owesilisa.
Izisulu bezisetolo ngesikhathi bevinjezelwa abasolwa eNtilini Locality, eTsomo, e-Eastern Cape kuzosa kube uLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain uYolisa Mgolodela uthi umnisitolo nomsizi wakhe bebelele ngaphakathi esitolo ngesikhathi kutheleka izigilamkhuba.
“Bezwe umsindo ophahleni ngaleso sikhathi abanye bempoqa ukuthi akavule emnyango,” kusho Mgolodela.
Laba solwa babophe umnini sitolo ngentambo bamthela ngodizili qede bamokhela ngomlilo. Emuva kwalokho badlwengula beshintshisana ngowesifazane.
Abagcinanga lapho kodwa baphoqe owesifazane ukuthi akathumele ukuthi abanike iphini yeselula yebizinisi bazithumelela imali.
“Bathe bangezwa amaphimbo omphakathi nezingi bokhela ngomlilo isitolo babaleka ngezinyawo ,” kuqhuba uMgolodela.
“Umgilwa wesifazane uhlengiwe waphuthunyiswa esibhedlela ukuyothola usizo,”
Umnini sitolo uphuthunyiswe esibhedlela eButterworth Hospital, lapho eshonele khona.
Laba solwa balindeleke ukuthi bavele enkantolo yaseTsomo maduzenje emva kophenyo.
UDistrict commissioner emaphoyiseni uMajor-General Rudolph Adolph unxuse ukuthi umsolwa ongakabanjwa uzingelwa okwenyamazane abanjwe aboshwe.
UAdolph uzwakalise ukukhathazeka ngezinga lobugebengu obunobu Sathane obuhlangilanisa ukubulawa kwababa nempelasonto ebulawa yingane yakhe.