
Uvalo kumphakathi waseLovu kulethwa amaphara esedolobheni
Liyah Mseleku
Ushayisana ngamakhanda umphakathi waseLower Illovo (eMandiyeni) kuward 109 no-97 mayelana nesakhiwo okuthiwa sizokhoselisa abantu ‘abangenabani’.
Okwenza kube nokudideka wukuthi nobuholi bale ndawo buthi abunalwazi ukuthi kwakhulunywa kwavunyelwana nobani.
NgoLwesine amalunga omphakathi ahlanganisa le ward aqhamuka eSqhingini, Lovu, Nkwali nezinye aqhinqe kule ndawo eSakhithemba befuna izimpendulo.
Okucasula kakhulu umphakathi wukuzwa ukuthi kuzokhoseliswa amaphara agcwele imigwaqo yedolobha iTheku.
Ngo-Agasti wonyaka odlule ikhansela leDA eNorth & South Beach uSharmaine Sewshanker waveva ukuthi sebebalelwa ku-18 000 abantu abangondingasithebeni abahlala enkabeni yedolobha.
Wathi baze bakapakele eBlue Lagoon nasePoint Waterfront njengoba sebetholelwa amakhaya emphakathini waseLovu.
UMnuz Austin Gounden, ongusihlalo wenhlangano iLower Illovo Neighbourhood Watch uthi uzizwa enokwesaba ngenxa yezinga lobugebengu obukhulayo.
“Siyakholelwa ekusizeni abantu kodwa hhayi lolu hlobo losizo emphakathini yethu,” usho kanje.
Ngo-2009 lesi sakhiwo sasisebenza ukusiza labo abahlunyeleliswa izimilo nababhekene nenkinga yezidakamizwa.
Ngokuhamba kwesikhathi yagcinwa ivalwa ngenxa yokushoda koxhaso kwezimali.
UMnuz Thami Soni oyisakhamuzi uthi ikhansela lafika emhlanganweni owawubizwe enkundleni yezemidlalo ngoLwesibili wayichitha indaba yamaphara.
“Wathi wayengeke ayivume indaba yamaphara ukuthi azolethwa endaweni. Kahle hle amukho umuntu owazi udaba oluqondile,”
“Ulwazi esilutholile ukuthi kuzosuswa abantu eThekwini (CBD) bazolethwa la, asikwazi siwumphakathi ukuthi sivumele into enjalo,”
“Saba nenkinga efanayo ngo-2009 eSakhithemba abantu ababelethwe khona bagcina benganakwa base behlupha kungasadlulwa ebrijini eLovu sebebamba inkunzi kubulawa nabantu. Asikwazi ukuvuma into enje,” kubhoka uSoni.
Kulindeleke ukuthi lesi sakhiwo simumathe imibhede yokulala yabantu abangu-400.
Ikhansela uMenzi Manqele ekhuluma nomphakathi uthe uyakuqonda ukuthi umphakathi aweneme ngalesi simo.
‘Kwaba nephutha ekuxoxiswaneni kwiWard 109. Kunesidingo sokuthi sibuyele emuva siyoxoxisana nozakwethu kuMkhandlu weTheku. Ngiyathembisa ukuthi ngeke lisenzeka iphutha elinje ngokuzayo”
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



