Izindaba

Udutshulwe eToti umsolwa ecaleni lokubulawa kwa-Olorato Mongale

Aphe Gcwabe

Udutshulwe wabulawa amaphoyisa ecashe eflethini, eManzimtoti, omunye wabasolwa ekubulaleni u-Olorato Mongale.

Kuthiwa uvulele ngenhlamvu kuqala ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumbopha kule ndawo eseNingizimu neTheku ebusuku kuzosa kube uLwesihlanu.

Akukacaci ukuthi uyena muphi umsolwa njengoba amaphosiya esanda kukhipha amagama amabili uFezile Ngubane noPhilangenkosi Sibongikuhle Makhanya.

Laba solwa sebehlonzwe njengabantu abathinteka “ngqo” ekuthunjweni nokubulawa kwa-Olorato Mongale (30) obengumfundi eGoli.

UGeneral Nhlanhla Mkhwanazi uzifikele endaweni yesigameko uthe umsolwa udubule kuqala.

“Umsolwa ufike la eToti ezoqasha imoto. Uvumile ukuthi uyasazi isigameko sokubulawa kowesifazane eGoli uma bexoxa. Uma sibuza ngomunye umsolwa kulo obekuzoqashwa kuye uthe ubaleke wabheka eZimbabwe” kusho uMkhwanazi.

Uthe bayaqhubeka nokumthungatha omunye umsolwa.

Amaphoyisa asekwazile ukuthola umkhondo wemoto yohlobo lweVW Polo eyasetshenziswa kubulawa umufi eGoli ngeSonto.

Ulwazi lwamaphoyisa lukhombise ukuthi imoto yaqala emzini othile eKew njengoba sebeyithole ePhoenix eThekwini lapho kuhlinzwa khona izimoto.

Kuboshwe umnikazi wale ndawo, kanti nonina womunye wabasolwa zimkhalele esolwa ngokithiphisa indodana yakhe ebicashe eNanda ukuthi amaphoyisa azoyibopha.

UKhomishana wamPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola ubonge wanconcoza kulo lonke ithimba elisebenza leli cala okuhlanganisa iSAPS Gauteng Provincial Investigation Unit(PIU), DPCI KZN Tracking Team, Durban Metro Police K-9 unit nezinkampani zonogada ebezisebenzisana namaphoyisa.

U-Olorato ubulawa nje wayethi uthole isoka njengoba ahlangana nowesilisa owazibiza ngo “John” enxanthatheleni yezitolo eBloemfontein bashelana kwashintshwana nangamafoni.

Lokhu kuchazwe omunye wabangani bamufi uThato Molongoana owayemcelile ukuthi akambheke ukuthi uphephile yini.

Wathuka koma sasozwanini uma ebona kwi-App efonini yakhe ukuthi usendaweni engaphephile eLombardy ngaphandle kwase-Alexandra, enyakatho neGoli.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button