Izindaba

Bangaphezu kwa-300 ezibakhalele benganawo amaphepha efemini

Amaphoyisa afike kwamnyama phansi eqa nothango enkampani ethungisa izingubo zokugqoka edolobheni eStanger, KwaZulu-Natal.

Kuboshwe abantu bokufika abangenawo amaphepha okuba kuleli ababalelwa ngaphezu kwa-300.

Amaphoyisa aqale ‘ukukhuculula’ kusukela ngehora leshumi ekuseni.

Lo mkhankaso wokuphopha kuphindiselwe abakofika abangenawo amaphepha ubuholwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli.

Ubehambisana noLt General Nhlanhla Mkhwanazi, nezikhulu zakwa Department of Labour neDepartment of Home Affairs.

Umqashi ongumdabu waseNdiya ubekwe icala lokuqasha abantu abangenawo amaphepha okuba seNingizimu Africa.

Ubekwe nelokuphula umthetho wezabasebenzi.

Isimanga wukuthi le nkampani isineminyaka engu-25 isebenza kuleli.

Ngesikhathi umqashi ephenywa kabanzi uNtuli uveze nokuthi usebenzisana nezitolo ezinkulukazi okubalwa Legit ne-Edgars.

UNdunankulu uchome uphaphe lwegwalala uMkhwanazi nezinhlaka abambisane nazo ukuqhuba lo mkhankaso ngempumelelo.

“Ngikholwa ukuthi nalabo abasacabanga ukungena kuleli ngokungemthetho ngeke balubhade KwaZulu-Natal.

Bazokwazi ukuthi uma ubhayizela kulesi sifundazwe zizokhala.

Njengohulumeni wesifundazwe sijabule ngomsebenzi omuhle wamaphoyisa esiwubonayo,” kusho uNtuli.

Ngomhla ka-17 April kulo nyaka iPurpose yabika ngokuboshwa kwabasebenzi abangaphezu kwa-120.

Babeboshwa emafemini akwaSithebe, eMandeni, KwaZulu Natal.

Labo ababoshiwe babenganawo amaphepha okuba seNingizimu Africa.

Iningi liyantula kule ndawo ngenxa yokuvaleleka ngaphandle endaweni yabo.

Amalunga omphakathi kuthiwa ayekade ekhala ngokuthi yimaphi lamakhono amangaka angekho endaweni nokwenza ukuthi kuqashwe abantu bokufika.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button