Ezokungcebeleka

Uthando lunye komrepha abebeyinkukhu nempaka

Bahle Mkhize

KUCHWAZE izinkundla zokuxhumana u-Emtee ebonakala eqopha estudio Inkabi Records kaBig Zulu.

Abaningi bebebabaza ukuthi kungani “behletshiswa amanga” okusho ukuthi abalandeli bese bebambelele ekutheni labo mrepha ababhekani.

Kuzokhumbuleka ukuthi laba bake bangazwana ngaphambilini nokuyinto abebengayifihli.

Kokunye u-Emtee wayeke abuze ukuthi ngazi walidlelani leli “timer” ngoba uyalehlula ngethalente yena analo.

UBig Zulu ejabule uveze ukuthi i-album yakhe isiphelile ngokufika kwa-Emtee.

“Nkabi Nation ngicela ukuthatha leli thuba ngibonge kumfwethu Emtee ngokuthi sihloniphane agcine enyathelile emagcekeni aseNkabi Records. Siyabonga kakhulu qhawe lakith sengingasho ngithi i-album isiphelile. Hip Hop uthando lunye,” kusho uBig Zulu.

Impi yomculo phakathi kwalabo mrepha yayiqale ngesikhathi uBig Zulu ededela ibhomu leculo i150 Bars ngonyaka ka-2022.

Leli culo lalinezinhlamvu ezigadlayo kuEmtee nokwadala uthuthuva emculweni.

UBig Zulu wayinyathela emsileni egadla ephindelela ngelinye iculo elisihloko sithi 200 Bars nokuyilapho uEmtee akhetha ukubuyisa izinduku.

Omunye wabalandeli bomculo ezinkundleni zokuxhumana uthe: “Khumbulani ukuthi uBig Zulu uzwana noSjava osondelene kakhulu noEmtee. Kungenzeka ukuthi uSjava ubahlalise phansi bakhumelana umlotha,” usho kanje.

Ngokusho kwesitebele sikaBig Zulu, Inkabi Records,ingoma yabo izophuma kungekudala.

Related Articles

Back to top button