
Isihlobo sikaMaweni emacaleni okubulala ugobela nethwasa
Aphe Gcwabe
UZOVELA enkantolo ezofaka isicelo sebheyili ubhuti wasemzini kaGogo Maweni obehekene namacala okubulala ugobela uBaba Vondwe Mkhatshwa, nethwasa uBandile Kubheka.
Umsolwa uLindani Mgube (33) waboshwa ngoJanuwari 31, ubeseke wavela eVereeniging Magistrates Court ngoFebruary 5 njengoba esezobuyela eNkantolo ngomhla ka-12 kuyo lenyanga.
Leli cala likeliswe kuSchedule 6 ngokusho ukuthi bazosiphikisa isicelo sebheyili.
Izisulu zabe zisondelene kakhulu noMakhotso Lee-Anne Mofokeng odume ngoGogo Maweni.
Okhulumela amaphoyisa uMavela Masondo elandisa ngosuku okwabulawa ngalo izisulu uthi kwatholakala owesifazane enenxeba lenxamu evele eseshonile.
Umgilwa wesibili waphuthunyiswa emtholampilo oseduze kodwa kwamanela khona. Lesi sigameko senzeka e-Orange Farm.
Kwenzeka lokhu nje uGogo Maweni ukhishwe yinkantolo kaMantshi eProtea ngebheyili kaR5 000 ngoFebhuwari 27.
UGogo Maweni uchithe isonto lonke ezitokisini zaseJohannesburg Prison ngemuva kokuboshelwa amacala abucayi.
Phakathi kwawo kubalwa elokushaya ngenhloso yokulimaza nawokubulala.
La macala kuthiwa enzeka ngo-2019 kanti ubemelwe ummeli uMarcia Makuse.