Izindaba

Zisale dengwane izingane unina eklinywa ebulawa owaseZim

Aphe Gcwabe

ZISALE dengwane izingane ezimbili ezisencane kuklinywa unina washona egunjini aliqashile.

UMakhosazana Ndlovu (29), utholwe eshonile egumbini abeqashe kulo e-Moletsane, eSoweto, ngomhlaka-3 ngoMsombuluko.

Isoka lakhe, elidabuka eZimbabwe, liqophe ivideo lithi alazi ukuthi belenzani ngesikhathi limbulala.

“Ngiyamthanda. Ngifuna ukuvuka kuleli phupho elibi, futhi ngiyaxolisa ngesenzo sami,” esho kuvideo, ebonwe amaphoyisa.

Umbulali uqophe ividio evuma icala ethi akazi kwenzekeni, kodwa umndeni uthi ubehlelile ukumbulala.

Emuva kwalesi sigameko umenzi wobubi eSoweto ugcwale amathafa ngemuva kokuthumela ividie evuma ukuthi isenzo sakhe kumngani wakhe wasesontweni.

Umndeni kaNdlovu uthi ubekuhlelile ukumbulala.

Lezi zithandani bezihlala ndawonye ekamelweni elingemuva futhi zihlela ukushada, isihlobo sikaNdlovu uThenjiwe.

“Umnikazi wendawo usishayele ucingo ekhathazekile ngoba ubengakamboni uMakhosazana noma athandana naye, wabona kungcono ayobheka ukuthi kwenzakalani, wangqongqoza kodwa lutho impendulo,” kusho uKomanisi.

“Uma evula umnyango obungakhiyiwe wathola uMakhosazana edindilizile, “samthola ephuma igazi emadlebeni nasemakhaleni kubonakala sengathi uklinyiwe washona.”

Abezimo eziphuthumayo bakuqinisekisile ukuthi uNdlovu ushonele endaweni yesigameko.

Umngani wombulali, uthe uthole imiyalezo ephazamisayo ku-WhatsApp ngaphambi kokubulawa kwakhe.

Lo mfana ubhale ukuthi uKhosi ubephinga nokuthi wamncenga kanjani ukuthi ayeke. Ngemuva kwaleyo mibhalo wangithumelela ividio ethi wambulala wabe esebaleka,” kusho umngani.

Umphathi wePolice station eJabulani, uBrigadier Amos Tsotetsi, uthe bathungatha umsolwa.

“Singakuqinisekisa ukuthi kuvulwe idokodo lokubulala. Siyibonile ividio futhi sithathe nocingo lomngani wakhe njengengxenye yobufakazi,” kusho uTsotetsi.

“Kube sekuthungathwa umsolwa ngemuva kokubaleka. Ugcine ukubonakala elibangise ngase-De Deur, eningizimu yeGoli.”

UKomanisi uhlengezele izinyembezi ngesikhathi ecela usizo lokuthola umbulali.

“UMakhosazana unezingane ezimbili ezincane kakhulu azazi ukuthi kwenzekani kunina, siphatheke kabi sifuna ukwazi ukuthi kwenzekeni kuleliya gumbi ukuze sikwazi ukwamukela,” kusho yena.

Related Articles

Back to top button