
Udilikajele kumalume obedlwengula umshana iminyaka
Phila Luthuli
UGWETSHWE udilikajele umalume (61) olahlwe ngamacala okudlwengula umshana wakhe izikhawu ezehlukene kusuka ngo-1996 kuya ku-2001.
Ngaphezu kukadilikajele inkantolo yesiFunda eMadadeni iphuce le ndoda ilungelo lokuphatha isibhamu, igama layo lafakwa ohlwini lwabalahlwe ngamacala ocansi.
Isisulu sasihlala nomndeni waso eMadadeni, kwathi ngo-1995 sadlwengulwa ngumfowabo.
Kuthiwa satshela unina ngokwenzekile kwase kubizwa umhlangano womndeni owathatha isinqumo sobuka lingavulwa icala kodwa isisulu sihanjiswe siyohlala nomalume nomndeni wakhe Osizweni.
Umalume kuthiwa waqala ukudlwengula umshana ngo-1996, emuva kwalokho wabe eselokhu ekwenza izikhawu zilandelana, ebuye amkhombise izithombe zocansi uma besele bodwa.
Kuthiwa ngelinye ilanga wabanjwa ngunkosikazi wakhe edlwengula umshana wakhe kodwa kunokuthi asize umshana, umalumekazi wamshaya kanzima.
Ngo-2001, emuva kokuphothula umatric, umshana wahamba waya kwesinye isifundazwe, ngonyaka olandelayo wabe esethatha isinqumo sokubhoboka ngokuhlukunyezwa kwakhe.
Udaba lwakhe lwadluliselwa ophikweni oluphenya ngamacala udlame lwemindeni, amacala athinta izingane namacala ocansi eMadadeni.
Enkantolo uMshushisi uZama Ernest Zikalala ubize ofakazi okubalwa kubo nonkosikazi kamalume obalisele inkantolo ngokubamba kwakhe umyeni wakhe edlwengula umshana.
Isisulu sitshele inkantolo ngokuhlukumezeka kwaso nokwesaba ebesinakho ngenxa yokwenzeka kuso.
INPA isamukele isigwebo senkantolo yanxusa amalungu omphakathi ukuthi angathuli uma kunezigameko zokuhlukumeza ozibonayo.