Izindaba

Kudutshulwe kwabulawa amaphoyisa (2) eTarven

KUSHONE amaphoyisa amabili abengekho emsebenzini kubantu abangu-4 abadutshulwe eTarven esemgwaqeni Ikhwezi eBhidla, eSundumbili, ngoMsombuluko ebusuku.

Kuthiwa laba ababulewe bebephuza utshwala ngesikhathi kusuka ingxabano phakathi kwabo nabesilisa abangu-5.

Kuvele ukuthi elinye lamaphoyisa liyixazulile le ngxabano ngokuthengela laba besilisa abahlanu utshwala.

Kuthiwa konakele lapho elinye lamaphoyisa libuye lisusana nabo labo besilisa ngaphandle kweTarven.

Lokhu kuholele ekutheni lidutshulwe leli phoyisa, nokuthe noma selibaleka libuyela ngaphakathi laba besilisa balilandela ngenhlamvu bangena nalo phakathi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile lesi sigameko esenzeke eSundumbili izolo ebusuku.

Uthe iphoyisa elidutshuliwe belingaphandle labaleka selopha igazi liphindela ngaphakathi eTarven abasolwa balilandela bavulela ngenhlamvu.

“Abantu abangu-3 bashone endaweni yesigameko okubalwa nephoyisa. Elinye iphoyisa elidubulekile liphuthunyiswe esibhendlela, lihlonzwe njengomuntu oseshonile lisanda kufika esibhendlela. Abanye abalimale kabucayi baphuthunyiswe esibhendlela.

Ivaliwe le Tarven ngemuva kokuthola ukuthi ibisebenza ngokungekho emthethweni. Ayikaziwa imbangela yesigameko amaphoyisa asephanya,” kuphetha uNetshiunda.

Related Articles

Back to top button