Usizi lwengane (4) ibuza unina owabulawa eGateway yisoka
UMNDENI kamufi uNksz Nomfundo Msibi (30) owagwazwa wabulawa enxanxatheleni yezitolo eGateway ubalisa ngosizi lokuphendula indodana kamufi (4) ehlezi ibuza unina.
Umufi, kuthiwa wagwazwa uMnuz Siphamandla uKhumalo (34) ephindelela ngo-Agasti 4 emva kokumdoba nge-lay-by yejakhethi ayethe akeze azomkhiphela yona.
Ngokombiko weSolezwe lokhu kuvezwe umalume kamufi, uMnuz Prince Dlamini ngoLwesibili ngesikhathi umsolwa, evele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Uthi kusenzima namanje ezinganeni zowesifazane owagwazwa ikakhulukazi kwindodana (4) kamufi ayithola kumsolwa ehlezi ibuza ukuthi uphi unina.
“Njalo sihlale siyikhohlisa sithi unina useThekwini ngoba asazi sizoyichazela kanjani ukuthi ngeke iphinde imbone ngoba washona,” kusho uDlamini.
Uthe indodakazi (10) esikwazi ukuqonda ukuthi kwenzekani, ihlale ikhala, ithi iyamkhumbula unina.
UDlamini uthe kwabona bebadala emndenini basakuthola kunzima ukwamukela ukuthi umufi akasekho.
Uthe akamangalanga ngesikhathi ebona umsolwa okokuqala enkantolo, wathi wambona ewusikhotheni, okumfanele ukuthi enzakalise umufi.
“Uma umbuka nje, uyambona ukuthi usikhotheni lona. Ngathi ngimbona okokuqala, ngasho ngathi kodwa nomshana wami naye uyaqoma kodwa. Usikhotheni phela lona,” kusho uDlamini.
IMantshi uMnuz Ashwin Singh ilihlehlisele uNovemba 13 icala, yathi kusazoqhubeka uphenyo.
Ngaphambi kokuthi uSingh ahlehlise cala, umshushisi uMnuz Calvin Govender uveze ukuthi ophenyweni lwamaphoyisa kusashoda imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.
Uphinde wadalula nokuthi kusashoda ukuthi kugezwe izithombe kwi-footage eyalethwa abenxanxathela yezitolo, ekhombisa ukusuka nokuhlala kokwenzeka kwesigameko njengoba kwaqoshwa amakhamera.