UMasipala iLembe uvala ‘ompompi’ kosonkontileka
Motshwari Mofokeng
IMEYA kaMasipala wesiFunda iLembe, uMnuz Thobani Shandu, iqinisekise ukuthi izimoto eziningi ezisetshenziswa kulesi siFunda kuzomele kube ezabo ayi ezosonkontileka.
UShandu uveze lokhu ngesikhathi kade kuthulwa umthwalo wokuqala wezimoto zamathangi amanzi eziyi-11 kwezingu-30, ezithengwe yilo Masipala.
Lobu buholi obukhona manje bungene emahhovisi ngoMovemba wangowezi ka-2021.
“Singena ehhovisi isiFunda sabe sinezimoto ezingu-106 okwabe zingosonkontileka, sabe sesihlangana namakhansela ukuthi siqhamuke nesixazululo sokukuqeda lokho. Sikwenze lokho ngoba uMasipala ubuchitha imali elinganiselwa kwizigidi ngonyaka ukhokhela osonkontileka. Sibe sesithi kunokuthi sichithe imali engaka, kungcono sithenge izimoto okuzokuba ezoMasipala” kusho uShandu.
Nyakenye lesi siFunda sakwazi ukuthenga izimoto ezingamaveni ezingu-65.
Ukufakwa kwalezi ezingu-30 kusho ukuthi sezizonke zizoba u-95.
IsiFunda iLembe sakhiwe oMasipala abane okuyiMandeni, Dukuza, Ndwedwe noMaphumulo.
“Kuzophela lenyanga sezikhona zonke ezingu-30, sizokwenza isiqiniseko sokuthi abashayeli kuzoba abantu basendaweni abaqeqeshekile.
Sisazosebenzisa izinsiza zosonkontileka ukuvala izikhala lapho kunesidingo esikhulu khona, kodwa-ke kubalulekile ukuqaphela ukuthi imali kaMasipala siyayonga” kubeka uShandu.
Uphinde waveza ukuthi bazoqinisekisa ukuba amanzi atholaka ngendlela kuzona zonke izindawo ezikulesi siFunda.