Usizi kungcwatshwa amalunga omndeni (6) eHlokozi
Philasande Luthuli
UMPHAKATHI waseHlokozi, eHighflats udele amakhaza ashubisa umkantsha waphuma ngobuningi bawo ukuyongcwaba amalunga ayisithupha akwaKhambule.
NgoSeepthemba 12 lo mndeni wangenelwa abantu bafike bashiya kukhalwa bebulala amalungu omndeni angu-7 ngesihluku kwafa ngisho nezingane ezincane.
Phakathi kwamalunga omndeni abulawa kubalwa uBahlakaniphile (64), Nompilo (34) ,Philile (39) , Siphosethu (10), Yonelisa (10) kanye noNomvelo (05) abangcwatshwe ngoMgqibelo.
Isisulu sesikhombisa uS’khulu Khambule ubekwe endaweni yakhe yokugcina eMzumbe ngoLwesine.
UHulumeni wesifundazwe oholwa nguNdunankulu obambile, uNkk Thembeni KaMadlopha Mthethwa, uhambele lomngcwabo ukuyoduduza izihlobo, ukuletha usizo olwahlukene ukuze izisulu zifihlwe ngesizotha.
UKaMadlopha Mthethwa unxuse amalungu omphakathi ukuthi asebenzisane namaphoyisa emizameni yokuthi kuboshwe abenzi bokubi.
“Masingashiyi lutho emizamweni yethu yokuthola ababulali. Ngicela amaphoyisa nomphakathi, ubambisane kutholwe lezi zigebengu.
Labo abenza ubugebengu obungaka badinga ukujeziswa kanzima. Masenze iKwaZulu-Natal indawo ephephile yokuhlala. Sikhathazekile ngezinga lobugebengu nodlame oseluphinde lwakhula.
Sikhathazekile futhi ngokudutshulwa kwenqwaba yamalungu omndeni, ” usho kanje.
Uphinde wakhipha isexwayiso esiqondiswe kubaphehli bodlame.
“Ngeke sikhathale emizamweni yethu yokulwisana nobugebengu. Ngokusebenzisana nezinhlaka zomthetho, siwumphakathi namaphoyisa sizoqhubeka nokulwa nabo size sibanqobe, “usho kanje.
Kuqokwe uphiko oluyisipesheli lwamaphoyisa esifundazweni kuze ukuze luphenye leli cala.